Izindaba

Izinyanga zigxeka abasiza izinkabi ukugeza isinyama

Khulekani Maseko|Published

Izinyanga zigxeka abasiza izinkabi ukugeza isinyama

IZINYANGA zigxeka ozakwabo abasebenzisana nezinkabi ukuzigeza isinyama emuva kokubulala, zithi lokhu kuyisenzo sokugijimisa imali kunokubeka phambili impilo yabantu.

Ngesonto eledlule, kuqothwe amalungu angu-10 omndeni wakwaMemela, e-Unit 14, eMbali, eMgungundlovu, kanti abasolwa abane batholane phezulu namaphoyisa ngenganono ngesikhathi ebafica beyogeza isinyama enyangeni okuthiwa ingeyokudabuka eSwazini, ekhona endaweni. Kuthiwa ngesikhathi amaphoyisa etheleka emva kokulunywa indlebe ngamanye amalungu omphakathi, afike inyanga isabeke phansi izijumbana zemithi okukholakala ukuthi bezizosetshenziswa ngabasolwa ukususa isinyama. Kuboshwe ababili kulesi sigameko kwathi oyedwa wadubuleka wafa, oyedwa kwababoshiwe ungeniswe esibhedlela enamanxeba okudutshulwa kanti amaphoyisa asathungatha okuthiwa usagcwele amathafa.

Umsolwa oneminyaka engu-27 ongeke adalulwe ngenxa yokuthi ubengakakhonjwa ufakazi, ubevele eNkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu izolo. Ubhekene namacala angu-10 okubulala, amathathu okuzama ukubulala, amabili okutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni nezinhlamvu. Usagcinwe esitokisini, kanti uzobuyela enkantolo efanayo ngesonto elizayo ukuyofaka isicelo sebheyili.

Owayengusihlalo wenhlangano yabalaphi bendabuko KwaZulu-Natal, uMnuz Sazi Mhlongo, uthe umsebenzi wezinyanga ukwelapha, akukhona ukubulala.

“Thina esafundiswa ubunyanga kudala, asisondeli eduze kwalezi zinto. Kwesinye isikhathi, ababulali abazitsheli izinyanga iqiniso kodwa bakhona abazibiza ngezinyanga abasebenzisana nezinkabi ukwenza lokhu kungcola okwehlisa isithunzi sabelaphi bendabuko.

“Uma umuntu ezogezwa isinyama emva kokuvelelwa umshophi wokubulala, kufanele achaze ukuthi bekwenzenjani aze abulale nokuyinto ababulali abangayenzi. Bagcina sebeqamba amanga, kwesinye isikhathi, umuntu avele athi ubesengozini yemoto kwashona abehamba naye manje ufuna ukugezwa,” usho kanje.

UMnuz Mkhulu Mafundza oyinyanga eyaziwayo eMthunzini, KwaNguqa, uthe izinyanga mbumbulu, isikhathi esiningi, zigijimisa imali kunokubeka phambili impilo yabantu.

“Ukusiza umuntu obulele ngenhloso ngoba ezokunika imali, abunabunyanga kodwa ubuthakathi. Uma ubulele umuntu, usuke ubalekela ukulekwa yithunzi lakhe ulandelwe yizinkinga futhi usuke wenzela ukuthi ungalandelwa abantu osuke ubabulele.”

Uthe njengenyanga naye kuyenzeka kufike abantu abanjalo kodwa uyaqinisekisa ukuthi umuntu umbulale kanjani futhi bekwenzenjani, ukuze akwazi ukubona ukuthi angakwazi yini ukusiza.