UMSEBENZI weG4S ovele kafushane eNkantolo yeMantshi yaseBloemfontein izolo uzojoyina abanye asolwa nabo ecaleni lokusiza isiboshwa uThabo Bester ukweqa ejele. Isithombe: AFP.
UMSEBENZI weG4S ovele kafushane eNkantolo yeMantshi yaseBloemfontein izolo uzojoyina abanye asolwa nabo ukufaka isicelo sebheyili ngoMeyi 3 no-4 kwelithinta uThabo Bester.
UMSEBENZI weG4S ovele kafushane eNkantolo yeMantshi yaseBloemfontein izolo uzojoyina abanye asolwa nabo ukufaka isicelo sebheyili ngoMeyi 3 no-4 kwelithinta uThabo Bester.
UMnuz Motanyane John Masukela (51) uvela enkantolo nje ubeboshwe ngoLwesibili. Kuthiwa ushaqwe amaphoyisa khona ejele laseMangaung lapho okusolwa ukuthi wenza khona ubugebengu.
Ngokusho kokhulumela iNational Prosecuting Authority (NPA) uMnuz Phaladi Shuping mabili amacala abekwe umsolwa.
“Ubekwe icala lokusiza isiboshwa ukuthi seqe ejele kanti elinye elokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho,” kusho uShuping.
Uthe uMotanyane uzojoyina uDkt Nandipha Magudumana, Mnuz Senohe Motsoare noMnuz Teboho Lipholo nabo okulindeleke ukuthi bafake izicelo zabo zebheyili.
Uthe ngesikhathi evela izolo, uMotanyane wenze isicelo sokumelwa ummeli kahulumeni.
Uphethe ngelithi okwamanje abakazocacisa ngendima uMotanyane ayidlalile ekulekeleleni uBester aphume ejele ngoba uphenyo lusaqhubeka.
UMotanyane ongowesithupha ukuboshwa ecaleni likaBester.
Icala lokweqa kukaBester selibe undabamlonyeni ngemva kokuvela kokuthi uyaphila.
Lokhu kuza ngemva kokuthi kwaba khona abashaya ikhwelo lokuthi uyabonakala etetemuka enxanxatheleni yezitolo eGoli nentombi yakhe agcine ebanjwa nayo eTanzania, uDkt Nandipha Magudumana.
Ngesikhathi eqa ejele uBester, kwabikwa ukuthi uzibulele ngokuzishisa ngaphakathi egumjini ayevalelwe kulo ejele.
Kwatholakala isidumbu somuntu oshe wangqongqa, ijele elathi ngesikaBester.
Emva kokuvela kwezinsolo zokuthi uyabonakala etetemuka, kulandelelwe uphenyo ngaye, olufaka phakathi nokusheshiswa kwemiphumela yolibofuzo lwesidumbu esatholwa egumjini ayevalelwe kulo, ebuye iqinisekisa ukuthi isidumbu akusona esikaBester.
Related Topics: