Izindaba

Sekuboshwe omunye weG4S kwelikaBester

Zimbili Vilakazi|Published

ISIBOSHWA esingundabuzekwayo uThabo Bester eseqe ejele laseManguang ngoMeyi nyakenye Isithombe: AFP

SEKUPHINDE kwaboshwa omunye umsebenzi weG4S oyamaniswa necala lokweqa kukaThabo Bester.

Lokhu kudalulwe ngokhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uBrigadier Athlenda Mathe.

UBrig Mathe uthe umsolwa uboshwe ngoLwesibili kanti ungunogada ejele laseMangaung, lapho okweqa khona uBester ngoMeyi nyakenye. Uthe kulindeleke ukuthi kusasa avele eNkantolo yeMantshi yaseBloemfontein.

"Lona oneminyaka engu-51 uboshwe ngoLwesibili, eboshwa khona ejele laseMangaung, lapho esasebenza khona," kuchaza uBrig Mathe.

Uthe phakathi kwamacala abhekene nawo elokusiza isiboshwa ukuthi seqe ejele, nelokupazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.

Icala lokweqa kukaBester selibe undabuzekwayo ngemva kokuvela kokuthi uyaphila. Lokhu kuza ngemva kokuthi kube khona abashaya ikhwelo lokuthi uyabonakala etetemuka enxanxatheleni yezitolo eGoli nentombi yakhe agcine ebanjwa nayo eTanzania, uDkt Nandipha Magudumane.

Ngesikhathi eqa ejele uBester, kwabikwa ukuthi uzibulele ngokuzishisa ngaphakathi egumbini ayevalelwe kulo. Kwatholakala isidumbu somuntu oshe wangqongqa, ijele elathi ngesikaBester.

Emva kokuvela kwezinsolo zokuthi uyabonakala etetemuka, kulandelelwe uphenyo ngaye, olufaka phakathi nokusheshiswa kwemiphumela yolibofuzo lwesidumbu esatholwa egumbini ayevalelwe kulo, ebuye iqinisekisa ukuthi isidumbu akusona esikaBester.