Izindaba

Kuningi okusha okuvelayo ngoBester

Charles Khuzwayo|Published

UTHABO Bester evele eNkantolo yeMantshi yaseBloemfontein ngoLwesihlanu Isithombe: FACEBOOK

UTHELEKE izolo eNkantolo yeMantshi eBloemfontein, egadwe wuxhaxha lwamaphoyisa abehlome eyizingovolo uThabo Bester. Nguye owayeheha amantombazane kwiFacebook, awadlwengule maqede awabulale. Lesi gelekeqe besilokhu sibakaza ngesikhathi singaphakathi enkantolo.

Sisafika enkantolo, siqale sazenza umuntu olesabayo ihlazo njengoba besizama ukuzifihla ubuso kubathwebuli kodwa sesingaphakathi besibukeka njengomuntu ongazi nokuthi lidumephi. UBester ubebuye amoyizele, ahlahle amehlo okomuntu ogibele imoto angayazi ukuthi iyaphi. Ubhekene necala lokweqa ejele laseMangaung, ukukhohlisa ingalo yomthetho nenkohlakalo.

Ugcinwe ejele iKgosi Mampuru II, lapho kuthiwa uqashwe ngeso lokhozi yinqwaba yojele. UBester uzobuyela enkantolo ngoMeyi 16. Intombi yakhe uDkt Nandipha Magudumana, ibuyela enkantolo ngoMsombuluko.

Khonamanjalo, uDkt Magudumana ubevele enkantolo ngoxhaxha lwamacala okubalwa kuwo ukusiza uBester ukuba eqe ejele, ukubulala uxhaxha lwabantu nenkohlakalo.Kwenzeka lokhu nje, uNgqongqoshe weziNdaba zaseKhaya kuleli, uMnuz Aaron Motsoaledi uthe uBester akakaze wabhaliswa ngokusemthethweni njengesakhamuzi sakuleli. UMotsoaledi ubekhuluma izolo esithangamini nabezindaba eTshwane. Ubekhuluma emuva kokuba uBester noDkt Magudumana beboshwe ngoLwesihlanu olwedlule eTanzania. UBester weqa ejele ngoMeyi 2022, emuva kokuzenza umuntu ofile.

UMotsoaledi uthe lo mgulukudu bewubuye waziwe ngelikaTK Nkwana kodwa ubhadanywe nencwad yokuvakasha ebimbiza ngesakhamuzi saseMelika, uTommy William Kelly. Uthe umnyango wakhe uthole ukuthi uBester wazalwa ngoJuni 13, 1986. esibhedlela iChris Hani Baragwanath, eSoweto. Uyinkosana ebantwaneni abane bakaMeisie Maria Bester. Nguyena kuphela obiza uBester ngoba abantwana bakubo babiza uMabaso, okuyisibongo sikadadewabo kanina. UMotsoaledi uthe unina kaBester uvumile ukuthi akambhalisanga ngokusemthethweni ngenxa yokuthi weqa kubo eseneminyaka ewu-16. Yize umama kaBester ethe wagcina esikoleni kwaGrade 3 kodwa umnyango uthole ukuthi wagcina kwaGrade 5. Wangena esikoleni ngo1997 kodwa washiya ngo-2002, okuwunyaka okwashona ngawo ugogo wakhe. Wagcina ukuxhumana nonina ngo-2006 kwaze kwaba uyaboshwa ngo2011.

Eqhuba, uthe bazamile ukuphenya kabanzi ngamagama abebuye azibize ngawo uBester kodwa baya inqina kamabuyaze. Uthe lapho ungafica khona kubhaliswe ngokusemthethweni igama likaThabo, kunesithombe namagabelo eminwe yakhe yisesteshini samaphoyisa.

Echaza ngoDkt Magudumana, uMotsoaledi uthe ubhalisiwe kuleli ngokusemthethweni futhi ubenencwadi yokuvakasha ayithatha ngo-2017. Kuthiwa unezincwadi ezimbili enye ngekaDkt Mmereka Ntshani, odume ngelikaDkt Phashy. Nakuba kunjalo, uMotsoaledi uthe uNandipha akazange azibize ngoDkt Pashy ngesikhathi eqa kuleli.