KUPHOQELEKE ukuthi umshayeli webhanoyi eNingizimu Afrika, alehlise emva kokuzwa into ebandayo imhamba esithweni ngemuva kokulisusa.
Uma ebheka ngaphansi kwesitulo ukubona ukuthi yini le emhambayo, uzithele phezu koholokoqo lwemfezi ebizwa ngeCape Cobra, kwesinye ebuye ibizwe ngeYellow Cobra.
Lolu hlobo lwenyoka lungolunye lwezinyoka zase-Afrika eziyingozi. Uma ike yakuluma kuphela imizuzu engu-30 usukwagoqanyawo.
"Kubande amathumbu kwathula kwathi cwaka," kusho umshayeli u-Erasmus.
Njengoba le nyoka ibisizithandele emlenzeni kuyena kuphoqeleke ukuthi ehlise umoya bese enze isiqiniseko sokuthi wehlisa ibhanoyi ukuze athole usizo. Ngenxa yokuthi bese lisukile ibhanoyi kuphoqeleke ukuthi azame ukulehlisa eWelkom emva kwemizuzu engu-15 lisukile.
Emva kwemizuzwana abezimo eziphuthumayo bakwazile ukufika ngokushesha ukuzoyibamba le nyoka.
Okushaqisile wukuthi bathe sebesondele bethi bayayibamba bathola ukuthi akukho nyoka futhi engekho oyibonile iphuma ebhanoyini. Obamba izinyoka uJohan de Klerk neqembu lakhe kuphele izinsuku ezimbili beyithungatha bagcina bengayitholanga kodwa umshayeli emile kwelokuthi uyibonile futhi akayizwanga isimdedela. - Sky News
Related Topics: