Izindaba

Umunyu kungcwatshwa abafundi abashone engozini

Khulekani Maseko|Published

AMABHOKISI okulele kuwo abafundi abashone engozini enyantisayo eyehle Obuka, kuMasipala waseMthonjaneni, ngeledlule, abebefihlwa izolo Isithombe: SITHUNYELWE

KUBE nomunyu kungcwatshwa abafundi abathathu abashone kugingqika iveni elithutha abafundi Obuka, ngaphansi kukaMasipala waseMthonjaneni, ngoLwesithathu.

UCebile Biyela (16), obefunda uGrade 8, uSandiso Mabaso (18), obenza u-Grade 11, abebefunda eNkosinathi High no-Asimthande Msweli (8) yena obenza uGrade 3 eMkhandwini Primary, bonke bashone engozini enyantisayo eyenzeke kule ndawo ngoLwesibili olwedlule.

Kukholakala ukuthi umshayeli weveni abebeligibele, uMnuz Thami Mkhize, naye okuthiwa ushone emva kokungeniswa emtholampilo, uhlulekile ukulawula imoto abeyishayela ngaphambi kokuthi igingqike.

IMeya kulo masipala, uMnuz Mbangiseni Biyela, obehambele inkonzo yomngcwabo yalaba bafundi, udlulisele amazwi enduduzo emindenini, wafisela abalimele ukululama ngokushesha.

“Sishaqeke kakhulu kakhulu ngesikhathi sizwa lezi zindaba, okuthe ngoMsombuluko sahambela yonke imindeni ethintekayo. Emva kwalokho sihlangene siwumasipala ukubheka ukuthi singayilekelela kukuphi imindeni. Sikhalisana nemindeni, othisha abebefana nabazali kubo kanye nabanye abafundi, sithi dudu,” kusho uBiyela.

Unxuse abashayeli ukuthi bashayele ngokucophelela nangalesi sikhathi samaholidi ePhasika, baziqhelelanise nokuphuza utshwala ngaphambi kokushayela ukuqinisekisa ukuthi izingozi ziyagwemeka.

Kuthiwa bangu-12 abebegibele kule moto ngesikhathi kwehla ingozi kanti umsizi kathisha nomfundi kaGrade R kuthiwa basabangwa nezibi esibhedlela okuvele ukuthi umfundi yena ungeniswe egunjini labagula kakhulu.