Izindaba

Ningangivikeli mina,ngiyakwazi ukuzilwela-Cele

Charles Khuzwayo|Published

UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, unxuse uphiko loKlebe ukuba luvikele kakhulu abantu abangenamandla Isithombe:ESIGCINIWE

UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, unxuse amaphoyisa ophiko loKlebe ukuba angalweli yena kodwa avikele abantu bakuleli abangenamandla. UCele ubekhuluma emcimbini waminyaka yonke wokuhlonipha amaphoyisa avelele kumaHawks, Directorate For Priority Crime Investigation (DPCI) eCSIR International Convention Centre, ePitoli ngempelasonto.

IMBONGI uMzwakhe Mbuli ushiye izithameli emcimbini woKlebe zisahalela impinda Isithombe:SITHUNYELWE

UCele uthe abantu abangenamandla yibona abadinga ukuvikelwa. "Khohlwani ukuvikela mina ngoba ngiyakwazi ukuzilwela ezami izimpi. Labo ‘anti’ abama olayini abade, izulu lina, bese betshelwa ukuthi ngeke bayithole imali yesibonelelo sikahulumeni ngoba kunothize oyebile, yibo okufanele bavikelwe," kuchaza uCele.

Uthe yena usakholelwa evesini laseBhayibhelini elidala elithi "Iso ngeso. Izinyo ngezinyo. Ngihlale ngibatshela ukuthi uma umuntu ekushaya esihlathini, ungamnikezi esinye." Utshele amaphoyisa ophiko loKlebe ukuthi yiwo asekugcineni ekuphenyeni kabanzi abantu abaxhaphaza umphakathi.

"Kunabantu abahlela futhi abenza isiqiniseko sokuthi baxhaphaza abantu. Baxhaphaza kakhulu labantu abangenamandla. Uma umqondisi ohola imali ebalelwa kuR1 million eba uR350 womuntu ongazi ukuthi uzobuye akutholephi okunye ukudla, ungumxhaphazi. Ungumxhaphazi wesizwe. Uma uyinhloko yabaqondisi ehola ngaphezu kukaR1 million bese weba imali yeqolo ewu-R510, uxhaphaze isizwe. Uxhaphaza abantu abangenamandla kakhulu."

Imbongi uMzwakhe Mbuli, esanda kuthulelwa isigqoko inyunyana yamaphoyisa iSAPU, isukumise izithameli ngenkondlo yayo entsha ethi Hawks, ebicelwe nguLieutenant-General Godfrey Lebenya oyiNhloko yeDirectorate for Priority Crime Investigation, ukuba iyiqambe. UMbuli ube eselandelisa ngethi GVB Monsters, Voice of Reason nethi Anti Drugs. Kwenzeka lokhu nje, uMbuli usanda kukhipha unqambothi lwe-albhamu esihloko sithi Vuka Darkie.

Ezinye izikhulumi ebezihambele umcimbi ngoMnuz Kelly Mansfield we-Attache, u-Advocate Shamila Batohi woPhiko lwezokuShushisa nePhini likaKhomishana wamaPhoyisa, uLieutenant-General TC Mosikili.