Izindaba

Kuphela namuhla ukuqagela koweBig Brother Titans

Mbali Khanyile|Published

NGOLWAMANQAMU namhlanje kwabangenele umncintiswano weBig Brother Titans, okhonjiswa kwiChannel 198 kwi-Dstv.

Umncintiswano uqale unezimbangi ezingu-24 eziqhamuka eNingizimu Afrika, naseNigeria. Kumanje sekusele izimbangi eziyisithupha.

Phakathi kwazo kubalwa uKhosi Thwala wakuleli, obukeka engomunye othwelwe ngeqoma lokuthi angawudla umhlanganiso.

UKHOSI Thwala, owakuleli ubukeka ethwelwe ngeqoma kulo mncintiswano Izithombe: NGABE BIG BROTHER TITANS

Omunye okubukeka ethandwa kakhulu ngu-Ebubu waseNigeria.

INSIZWA yaseNigeria, u-Ebubu, oidonse amehlo abantu abaningi ngemidanso yayo futhi ibukeka ingomunye wezimbangi ezithandwayo Isithombe: NGABE BIG BROTHER TITAS

Ezinye izimbangi ezisayibambile ngu-Ipeleng, noTsatsi baseNingizimu Afrika, bese kuba nguYvonne, noKanaga Jnr abaphuma eNigeria.

Imbangi ezodla umhlanganisa namuhla kulindeleke ukuthi ithole uR1.7 million. Uhlelo lokuklonyeliswa kwalowo ozobe enqobile luzokhonjiswa kuMzansi Magiic ( Channel 161) ngo-7 ebusuku.

Abaphathi bohlelo, ngamagcokama ezinsizwa enye eyaseNigeria, u-Ebuka Obi-Uchendu, neyakuleli uLawrence Maleka.