Izindaba

Bavimbe ngamathayi avuthayo bekhala ngamanzi

Zimbili Vilakazi|Published

UVALE imigwaqo umphakathi waku-ward 12 eNdwedwe, ubhikishela amanzi Isithombe: SITHUNYELWE

AVALE yonke imigwaqo emikhulu ngamathayi avuthayo amalungu omphakathi wase-ward 12 eNdwedwe, izolo, enengwa ngukuhamba kweminyaka uhlushwa yinkinga yamanzi.

Amalungu omphakathi uahe sekuphele iminyaka engaphezu kuka-12 ompompi bawo bengaphumi amanzi.Ilungu lomphakathi elicele ukungadalulwa lithe baqala ukuhluphekela amanzi ngo-2010.

“Ngaleso sikhathi satshelwa ukuthi ingqalasizinda isindala,” kusho ilungu lomphathi.

Leli lungu lomphakathi lithe bahlinzekwa ngamaloli amanzi, bawemukela ngoba bezitshela ukuthi yinto yesikhashana.Lithe kudlule iminyaka lungalungiswa udaba lwamanzi kompompi.

UVALE imigwaqo umphakathi waku-ward 12 eNdwedwe, ubhikishela amanzi Isithombe: SITHUNYELWE

“Ngo-2016, sathi uma silandelela ukuthi kungani udaba lwamanzi kuhamba iminyaka lungalungi, satshelwa ukuthi inkinga sekuyisomiso,” kusho ilungu lomphakathi.

Liveze ukuthi emva kwalokho, babuye batshelwa ukuthi inkinga sekuyipayipi eliphaka amanzi eselilincane, elingasakwazi ukumelana nomthamo wabantu okufanele bahlinzekwe ngamanzi.

“Osekusicasula kakhulu manje wukuthi uma sibuza ikhansela lethu ukuthi kwenzekani ngodaba lwamanzi, lithi asibuze uMavundla wakwamasipala okunguye osingethe izinto ezithinta amanzi kwi-ward yethu,” lisho kanjena.

Liveze ukuthi le nkulumo iyawucasula umphakathi ngoba awumazi uMavundla.

Lithe umphakathi udinwa nawukuthi ikhansela kaliqhamuki nezimpendulo yize kuthiwa liyahlala emihlanganweni kaMasipala wesiFunda seLembe, okuyiwona osingethe izindaba zokuphakwa kwamanzi komasipala abangaphansi kwawo.

UVALE imigwaqo umphakathi waku-ward 12 eNdwedwe, ubhikishela amanzi Isithombe: SITHUNYELWE

Lithe umbhikisho uzoqhubeka kuze kube wukuthi bathola izimpendulo ngenkinga yamanzi.Ikhansela lendawo, uMnuz Mandla Ndlovu, lithe linalo ulwazi ngesiteleka esiqhubekayo, lathi inkinga yamanzi ekhona endaweni idalwa wukuthi ipayiphi lamanzi eliphakela ezinye izindawo ze-ward lithikanyezwa wumphakathi waKwaMbanyana nawo osuke ufuna amanzi.

“Abantu baKwaMbanyana babulala ingqalasizinda okwenza amanzi angadluli, ukuze bezowathola nabo. Lokho kugcina kuholela ekutheni eminye imiphakathi ingabe isawathola.

“Njengamanje iLembe lilwa nokuthi liqhamuke nezindlela zokuthi iphampu yaKwaMbanyana ilungiswe ngendlela yokuthi ingaphinde ikwazi ukulimazeka,” kuchaza uNdlovu.

Uthe njengamanje usizo oluzoza masinyane ngolokuthi bakhelwe amapitsi abantu, athe ngumsebenzi okulindeleke ukuthi uqale emasontweni ambalwa ezayo.

UNdlovu uthe umphakathi uzohlomula ohlelweni lwezigidi olusanda kwethulwa endaweni kepha lokhu ngeke kwenzeke