Izindaba

Owe-ANC usola uZondo ngokugxambukela

Sabelo Nsele|Published

UNOBHALA we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Mtolo, usole oyiNhloko yamaJaji eNingizimu Afrika, iJaji Raymond Zondo ngokuba ngusopolitiki ocashe ngesikhundla sokuba yijaji, wathi kufanele avezwe obala ukuthi ungusopolitiki. Isithombe: Tumi Pakkies/African News Agency(ANA)

UNOBHALA we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Mtolo, usole oyiNhloko yamaJaji eNingizimu Afrika, iJaji Raymond Zondo ngokuba ngusopolitiki ocashe ngesikhundla sokuba yijaji, wathi kufanele avezwe obala ukuthi ungusopolitiki.

Ukusho lokhu esithangamini nabezindaba, ephendula inkulumo kaZondo ayethule ngesikhathi ekhuluma kwisifundo ngempilo yowayengumengameli we-ANC, uMnuz Oliver Tambo.

Kule nkulumo abeyethula eNyuvesi yaseFort Hare, uZondo uthe i-ANC yehlulekile wukulandela izimfundiso zikaTambo, wayisola ngokwehluleka ukulwa nenkohlakalo.

Uphinde wasola amalungu e-ANC ePhalamende ngokuvikela loyo owayengumengameli, uJacob Zuma.

UMtolo uthe le nkulumo kaZondo iwubudedengu futhi bekungafanele ikhulunywe ngumuntu oyinhloko yamajaji. Uthe akazi ukuthi kungani uZondo egcina esegxibha i-ANC ekubeni izihloko ayebizelwe ukuthi akhulume ngazo kwakuwubulungiswa, intando yabantu nokugcinwa komthetho.

“Sekuyasicacela ukuthi uZondo uzibona engusiyazi. Yena wazi yonke into. Ungunompempe, umdlali, unozinti futhi ongumsizi kanondweba.”

UMtolo uthe inkulumo kaZondo ibenza bazibuze ukuthi ngabe ezobulungiswa kazilawulwa yini yidlanzana?

“UZondo usegqugquzele onke amajaji ukuba ajikelei-ANC. Angeke esakwazi ukuhlalela ngokungachemi amacala athinta i-ANC. Siyazi ukuthi wonke umuntu wakuleli lizwe unemibono yezepolitiki kodwa uZondo kufanele azi (isikhundla sakhe).”

UMtolo uthe ukugxeka kukaZondo amalungu ePhalamende kuzokwenza ukuthi kungabi khona ukuzwana phakathikwePhalamende namajaji.

“Kusobala ukuthi iPhalamende ngeke liphinde liphathwe kahle ezinkantolo ngoba inhloko yamajaji inombono wokuthi amalungu alo, aqhamuka eqenjini elibusayo, awakulungele ukuba ngamalungu alesi sikhungo.

“Kufanele avinjwe uZondo aphinde avezwe obala ukuthi ungusopolitiki ocashe ngesikhundla sokuba yijaji.”

UMtolo uphinde waveza ukuthi bazoqoka maduze imeya kaMasipala wesiFunda Ugu nemeya kaMasipala waseRichmond.

UMasipala wesiFunda Ugu usale ungenameya kulandela ukushona kwemeya yawo, uNksz Phumlile Mthiyane, ekuqaleni konyaka. ERichmond sekuphele isikhathi eside kungenameya kulandela ukusula kukaMnuz Samora Ndlovu, owasula emva kokukhethelwa kwesikanobhala we-ANC esiFundeni iMoses Mabhida. UMtolo uthe sekuqokwe ithimba elihlalela inhlolokhono yabaphakanyiselwe ezikhundleni zokuhola le mikhandlu.