IMEYA yasoKhahlamba, uMnuz Vikimpi Mlotshwa, esekhaleni lokuqhakambisa usuku lwempi yensangu Isithombe: SITHUNYELWE
AZOKHUNJULWA ngomdlalo weshashalazi amaqhawe abulawa ngesikhathi sempi yensangu oKhahlamba.
Esithangamini sabezindaba, ebesibizwe wuMasipala wasoKhahlamba, iMeya uMnuz Vikizitha Mlotshwa, imemezele ukuthi kuzoba nomdlalo weshashalazi, abazokhumbula ngawo amaqhawe afa ngenxa yensangu.
“Ngomhla ka-30 kuMashi, sizokhumbula ngomdlalo weshashalazi, amaqhawe asendaweni yaseNgobe eBergville, abulawa ngamaphoyisa obandlululo ngempi yensangu, ngo1956, mhla ka-22 kuFebhuwari.”
Uthe inhloso yabo wukuvusa umlando nokuthuthukisa indawo yaseBergville, njengoba ihamba phambili ngokukhiqiza insangu. Eqhuba, uthe kuningi abazokwenza ukukhumbula amaqhawe njengoba besezinhlelweni zokuthi kuyolandwa amathambo abo ePitoli, lapho banqunywa khona.
Isolezwe ngoMgqibelo, ebelizifikele mathupha eBergville, lithole ukuthi impi yayiphakathi kwamaphoyisa obandlululo nabantu bendawo yaseNgobe, ababe dayisa insangu futhi yenzeka entabeni eyayingasehlathini lamaNgwane. Kuleyo mpi kwafa amaphoyisa obandlululo amahlanu, amabili kuwo kwakungabantu abamnyama. Kwagwetshwa ngentambo amadoda aseNgobe awu-22 emuva kwempi.
Ongumdidiyeli womdlalo osihloko sithi Impi Yensangu, uMboniseni Nhlongwane weDrakensberg Community Centre(Dac) uthe kusho lukhulu kubona lokhu bengamaciko endawo.
“Sijabule kakhulu ngokuthola leli thuba, ikakhulukazi intsha yaseBergville. Ngalo mdlalo sihlose ukuvusa umlando womkhulu bethu, ababulawelwa insangu, ukuze ungashabalali. Njengoba kuyisigameko esikhulu lesi emlandweni waseBergville.”
UMboniseni uthe bazosebenza namaciko endawo emdlalweni kodwa banesifiso sokusondeza inkakha yemidlalo yeshashalazi, uMbongeni Ngema, ukuze umdlalo wabo ube sezingeni eliphezulu futhi uzungeze izwe lonke.
Seyiphetha imeya ithe bahlongoza ukuthi kubuyekezwe uhlelo lokukhishwa kwezimvume zokuthengiswa kwensangu
Related Topics: