UNOBHALA weSadtu, okungenye yezinyunyana ezinkulu ngokwamalungu omfelandawonye wezinyunyana iCosatu, uMnuz Mugwena Maluleke, uthe bafuna umbono wamalungu ngokumele bakwenze.
ZIXHUMANA namalungu azo izinyunyana zabasebenzi bakahulumeni njengoba zifuna ukuthola umbono wabo mayelana nesiphakamiso sakamuva somqashi sokunyusa amaholo.
Lezi zinyunya zifuna abasebenzi bavote ukuthi bayawamukela yini u-7.5% wokunyusa amaholo obekwe wuhulumeni etafuleni njengoba zona zehla zimi ku-8% wokunyusa amaholo.
Zijahe ukuthi kuphele le nyanga kube sekunesivumelwano njengoba kuzophela ngoR1 000 ongukheshi ongenantela, obutholwa ngabasebenzi zinyanga zonke kusuka nyakenye.
UNobhala weSadtu, okungenye yezinyunyana ezinkulu ngokwamalungu omfelandawonye wezinyunyana iCosatu, uMnuz Mugwena Maluleke, uthe bafuna umbono wamalungu ngokumele bakwenze.
Uthe njalo uma kunezingxoxo abazinqumeli bona ngokumele bakwamukele nokumele bangakwamukeli kodwa ngamalungu aqhamuka nomkhombandlela.
“Simatasa siqoqa umbono wamalungu, ngokuthi senzenjani ngalesi siphakamiso sokugcina sikahulumeni sokunyusa amaholo. Yiwona azosho ukuthi siyithathe noma siyichithe.”
Uthe ngonyakamali ozayo, uhulumeni uphakamisa ukunyusa amaholo ngokunyuka nokwehla kwamandla emali, iCPI (Consumer Price Index.
Uveze nokuthi bazoba nomhlangano beyisigungu esiphezulu uma sebethole umbono wazo zonke izifundazwe.
Enye yezinyunyana enabasebenzi abaningi iPSA, ithe nayo imatasa njengezinye izinyunyana ifuna umbono wamalungu ngokumele kwenzeke.
Le nyunyana ithe izonquma ngezokwenza uma wonke amalungu esevotile ukuthi ayasamukela noma ayasichitha isiphakamiso.
“Sinxusa zonke izinhlaka, okubalwa osihlalo nabamele abasebenzi ukuthi baxhumane ngokushesha namalungu ukuze avote. Sifuna ukuthi okungenani kushaye uMashi 31, 2023 sibe sesivumelene nomqashi ngoba iyaphela imali engukheshi ebitholwa ngabasebenzi.”
Le nyunyana ithe izobe isixoxa nangezinye izinto, okubalwa nendaba yomhlomulo wokuthenga izindlu nokunye.
“Sifuna abasebenzi bakwazi ukuthenga izindlu, siphinde sixoxe ngezithinta i-medical aid. Yingakho sinxusa ngokushesha ukuthi abasebenzi abavote ukuthi, yebo bayasamukela isiphakamiso, noma cha bayasichitha.”
Phambilini abasebenzi behle besuka ku-10% wokunyusa amaholo. Ezinye izinyunyana okubalwa iNehawu, ziye esitelekeni zikhala ngokuthi uhulumeni wamane wafaka ngenkani u-3% ngonyaka odlule wezimali wokunyusa amaholo kungavunyelwene.
Related Topics: