Izindaba

Ufakazi ubephekwe ngelincane kwelikaGumede

Nomonde Zondi|Published

Ufakazi ubephekwe ngelincane kwelikaGumede isithombe: Doctor Ngcobo

UFAKAZI wokuqala ecaleni elibhekene nowayeyimeya yaseThekwini, uNkk Zandile Gumede nabanye abangu-21 aboshwe nabo, oyinhloko yoPhiko LwezobuQotho nokuPhenya kumasipala, i-Intergrity and Investigations Unit, (CIIU) uMnuz Mbuso Ngcobo, ugcizelele ukuthi ibhodi lokuqondisa ubugwegwe lwangaphakathi aluzibandakayi nophenyo, ikakhulukazi oluthinta ukukhwabanisa nenkohlakalo.

UNgcobo ubephekwa ngemibuzo wummeli kaNkk Gumede, u-Advocate Jay Naidoo nabanye. UNaidoo ubebuza uNgcobo ngemigomo nenqubo kamasipala uma kuziwa ophenyweni lwangaphakathi, ukuthi abe-Investigations and Forensics Solutions (IFS) bathola ithenda yini ukuze benze uphenyo?

UNaidoo uveze ukuthi uNgcobo kumele ngabe wabandakanya nebhodi lokuqondiswa ubugwegwe ophenyweni lokungahanjiswa kahle kwale thenda. Uthe umgomo kamasipala ubeka ukuthi ibhodi kumele libe yingxenye yalokhu.

“Kwakumele uthathe isikhalo usiyise ebhodini ngoba umgomo usho njalo,” kusho uNaidoo izolo eNkantolo eNkulu yaseThekwini.

UNgcobo utshele inkantolo ukuthi kunenqubo okumele bayilandele bengabaphenyi. Phezu kwalokho, uthe ibhodi eliqondisa ubugwegwe kumasipala alizibandakanyi nezinto ezithinta ukukhwabanisa nenkohlakalo.

“Ibhodi alizihlanganisi nophenyo olufuze lolu. Belizozihlanganisa ukube bekuyinto ethinta ukungaziphathi kahle,” kusho uNgcobo.

Uqhube wathi bekungaba wubudedengu ukufaka abantu bangaphakathi okungenzeka babe ngabasolwa. Uthe uma kunesikhalo abakwazi ukuqwashisa abantu ngaphakathi lapho okungenzeka ukuthi inkinga ikhona.

“Ngabe ngangiphula umthetho ngoba akuyona indlela esisebenza ngayo,” kusho yena.

UNgcobo utshele inkantolo ukuthi banendlela yokusebenza futhi kunohlelo oluyisigaba nesigaba futhi kunemithetho ebalawulayo.

“Asifuni ukufinyelela esiphethweni esingabambeki. Sisebenza ngemithetho,” kusho uNgcobo.

UNaidoo uqhubekile nokubuza uNgcobo ngokuqokwa kwe-IFS, uNgcobo wathi akwenza njengenhloko ye-CIIU ukugunyaza i-IFS ukuthi iqale uphenyo njengoba kwakuncome ithimba lakhe ukuthi uphenyo kumele lwenziwe abantu bangaphandle, emuva kokuthola isitaki somqingo kowafaka isikhalo owayefuna ukuthi angaziwa, ebaqwashisa ngokungahanjiswa kahle kwethenda.

Ngaphezu kwalokho, uNgcobo utshele inkantolo ukuthi owayeyimenenja eThekwini, uMnuz Sipho Nzuza, ngaleso sikhathi wayeseyivumile ithenda ye-IFS eyayingezinye zezinkampani ezingu-17 umasipala owazithola ukuthi zilekelele iCIIU ngophenyo lwayo njengoba kwakunokuailela emuva komsebenzi. Ufundele inkantolo incwadi eyasayinwa ngoMashi 16, 2018 eyayithi: “Ngiyavuma ithenda yokuthi basebenze izinyanga ezingu-24.”

Le ncwadi yayisayinwe wuNzuza. UNgcobo ucacisele inkantolo ukuthi ngesikhathi i-IFS ithola uphenyo babevele sebeyingxenye yephaneli. Ngaphezu kwalokho, abameli babamangalelwa bafune ukwazi ukuthi ezinye izinkampani zanikwa yini ithuba lokuthi zifake izicelo zomsebenzi wokuphenya lolu daba njengoba kubeka umgomo othi kumele kube izinkampani ezithathu ezifaka isicelo somsebenzi?

UNgcobo uchaze ukuthi kwakukhona ithimba elalingamele iprojekthi ye-CIIU elalibhekene nalokho.