ISITSHUDENI esalahlwa yicala emva kokuqhufuza imali yeNSFAS, uSibongile Mani sikhethwe ukuthi sibe nguMgcinimafa wekomiti elizolekelela izitshudeni zeNyuvesi iWalter Sisulu Isithombe: TWITTER
ISITSHUDENI esalahlwa yicala emva kokuqhufuza imali yeNSFAS, uSibongile Mani, sikhethwe ukuthi sibe nguMgcinimafa wekomiti elizolekelela izitshudeni zeNyuvesi iWalter Sisulu ukuqoqa imali.
Izithombe ezikhankasela uMani zibonakale zigcwele ezinkundleni zokuxhumana.
Ngokombiko we-Timeslive, iMenenja yomkhankaso kaMani, uMnuz Athenkosi Fani umemezele ngesonto ukuthi uqokwe njengomgcinimafa.
UFani wengeze ngelithi ukuqokwa kukaFani akusiyo nje impumelelo yakhe kuphela kodwa eyabo bonke labo abakholelwa emandleni entando yeningi nokuhola ngokuzimela.
“Ukuqokwa kwakhe kuwuphawu lwethemba kubantu besifazane nokuphakanyiswa kwabo ezikhundleni. Ngiyazi uzosebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi uyazifeza izethembiso zakhe nokuthi uzohola ngokuthembeka nangokuzimisela,” kusho uFani.
Uqhube wathi kufuneka kwaziwe ukuthi alukho uguquko oluphelele olungenzeka ngaphandle kokuthi kuthuthukiswe abantu besifazane.
UNobhala Jikelele wekomiti, uMnuz Misheck Mugabe, utshele iTimeslive ukuthi imiphumela yokhetho ayikakabi semthethweni.
Uthe izokwethulwa ngokusemthethweni emva kwezinsuku eziyisikhombisa.
Uthe emva kokuthi inyuvesi yenze ukubhekisiswa kwalabo abebengenele ukhetho, imiphumela izobe seyethulelwa izwe lonke ngasekupheleni kwaleli sonto.
UMani watholwa enecala lokweba yiNkantolo yesiFunda i-East London emva kokuthi edle imali engu-R800 000 wemali yakwaNSFAS, eyayifakwe ngephutha engu-R14 million ebhange lakhe.
Kuthiwa uMani wayethenga utshwala obubizayo, ugwayi, izingubo zokulala, ezokugqoka zabantu besilisa, izikhwama, ifenisha, izimonyo nokudla ngale mali.
Kuthiwa yonke le mali wayisebenzisa ezinyangeni ezimbili kungakaveli ukuthi kwenzeka iphutha wafakelwa izigidi.
Wagwetshwa ukuthi ayobhadla ejele iminyaka eyisihlanu kodwa wadedelwa kulandela ukufaka isicelo sokwedluliselwa kwecala kuyo le nkantolo.
Asikaze silalelwe isicelo sokudluliselwa kwecala.