Izindaba

Kwenyuke imimoya kunikizana uMadonsela noMpofu

Zimbili Vilakazi|Published

Kwenyuke imimoya kunikizana uMadonsela noMpofu isithombe: neil baynes reporter :

BEKULOKHU kuphakama imimoya izolo, phakathi kowayengumvikeli womphakathi, u-Advocate Thuli Madonsela no-Advocate Dali Mpofu, ngesikhathi kuqhubeka isigcawu sekomiti lePhalamende eliphenya ukuthi ngabe u-Advocate Busisiwe Mkhwebane ukufanele yini ukuba wuMvikeli woMphakathi.

Izikhawu eziningi u-Adv Madonsela utshele u-Adv Mpofu ukuthi akufani naye ukuzenzela phansi ngezinkulumo nemibuzo akubhekise kuyena.

Lokhu kugcine sekufinyelela lapho u-Adv Mpofu etshela khona usihlalo wakomiti, uMnuz Qubudile Dyantyi, ukuthi esigcawini akezile ukuzothukwa wu-Adv Madonsela.

“Angizile lana ukuzothukwa wufakazi. Uma kuzoqhubeka kanje ngaphandle kokuthi wenze okuthile, ngizophoqeleka ukuthi isimo ngisilungise ngokwami. Uma sengikwenza lokho, kuzoba kubi,” kusho u-Adv Mpofu.

U-Adv Madonsela uphendule ngelithi u-Adv Mpofu naye kudala eqalile emchukuluza, emthuka, emehlisa isithunzi futhi emsabisa.

UDyantyi uthe ubonile ukuthi kube khona ukuphikisana ngamazwi phakathi kwalaba ababili.

Ebhekise ku-Adv Madonsela uthe: “Nginxusa ukuthi uyeke ukusebenzisa amazwi anohlevane.”

Ku-Adv Mpofu uthe: “Nawe awunalo ilungelo lokusabisa u-Adv Madonsela.”

Phakathi kwamaphuzu abephakanyiswa wu-Adv Mpofu, ngukuthi u-Adv Madonsela uyazi yini ukuthi kuyicala ukuthi enze izinguquko esitatimendeni sakhe emva kokuba sesisayiniwe wukhomishana wezifungo?

Uveze ukuthi isitatimende sika-Adv Madonsela siguquguqulwe kathathu, kanti lokho kwenzeke emva kokuba sesisayiniwe ukhomishana wezifungo.

U-Adv Madonsela ubelokhu egcizelele ekutheni, isitatimende sakhe sisesinye, umehluko nje ukuthi lezi ezinye ezimbili ezikhombisa ushintsho, wayelungisa amaphutha enziwe yikhompyutha.

Uphinde wakhala ngokuthi u-Adv Mpofu umsola ngokwenza ubugebengu okungesiyo into atshelwe ukuthi uzoyiveza ngaphambi kwekomiti, waveza ukuthi ukuba ubetsheliwe, ubezocela ummeli wakhe ukuthi naye abe khona.

U-Adv Madonsela ubelokhu ebuza u-Adv Mpofu ukuthi imibuzo ambuza yona ibaluleke ngani kuleli komiti kodwa u-Adv Mpofu athi akaphendule ngoba uyazi yena ubhekephi nemibuzo yakhe.