UMEMEZELE izinguquko kwiKhabhinethi yakhe uMengameli Cyril Ramaphosa Isithombe: SIGCINIWE
ZONTATHU izinhlaka zomfelandawonye weqembu elibusayo zizwakalise ukuzeseka izinguquko kwiKhabhinethi ezimenyezelwe wuMengameli Cyril Ramaphosa.
UNobhala-jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula uthe babevele beshilo ukuthi izinguquko ezizomenyezelwa wumengameli akuzona izinguquko ezinkulu ngaleyo ndlela.
Uthe ziwukuzibophezela kukahulumeni ekutheni ukuhanjiswa kwezidingo kubantu, kwenzeke ngesivinini.
“Sifuna ukuthi babhekane ngqo nezinkinga zezwe, ukucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga, isibalo esiphezulu sabangasebenzi, ukuhanjiswa kwezidingo nokunye,” kusho uMbalula.
Uthe okubalulekile wukuthi kuhanjiswe izidingo kubantu.
“Abantu bakuleli bafuna ukwazi ukuthi kuzophela nini ukucishwa kukagesi,” kusho uMbalula.
Uqhube wathi ukuqokwa kukaMnuz Sihle Zikalala owayengundunankulu KwaZulu-Natal kwesikaNgqongqoshe woMnyango wabaSebenzi bekaHulumeni.
“Mukhulu kakhulu umsebenze obekwe emahlombe kaZikalala kodwa siyazi ukuthi unawo amava, siyakholelwa ekutheni uzosebenza ngokuzikhandla,” kusho uMbalula.
Uphethe ngelithi banethemba elikhulu kuNkk Sindisiwe Chikunga kwesikaNgqongqoshe wezokuThutha.
“Unawo amava. Uneminyaka egijima emnyangweni, ngesikhathi eseyisekela likangqongqoshe. Siyamethemba kakhulu,” kusho uMbalula.
UNobhala weSACP, uMnuz Solly Mapaila uthe UNgqongqoshe omusha wezemiSebenzi kaHumeni, uNksz Noxolo Kiviet unesipiliyoni futhi balindele ukuthi abambisane nezinhlaka.
“Silindele ukuthi bonke ongqongqoshe abaqokiwe bathi bengena emahhovisi bebebehlala phezu komsebenzi,” kusho uMapaila.
Uthe banethemba lokuthi ngeke bazibandakanye ezenzweni zenkohlakalo.
“Sifuna ukubona kwenzeka umsebenzi, ikakhulukazi ukuqedwa kokucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga,” kusho yena.
UNobhala weCosatu, uMnuz Solly Phetoe uthe bajabule ngalo lonke ushintsho olumenyezelwe ngumengameli.
“Sijabule ngoNgqongqoshe omusha, uMnuz Sihle Zikalala. Silindele ukuthi uma engena ehhovisi, into yokuqala esilindele ukuthi ayenze wukuthi aqale axazulule inkinga yamaholo yango-2018,” kusho uPhetoe.