Izindaba

Isihambela abaqashi i-UIF ilandela imali yayo

Boniswa Mohale|Published

UKhomishana we-UIF uMnuz Teboho Maruping, (ophakathi nendawo, uthathwe exoxa noDkt Christiaan Bosch oyiManaging Director eRickard Air Diffusion. Lapha bathathwe nabacwaningi mabhuku Isithombe:UIF

IZOZIFIKELA mathupha ezimbonini i-Unemployment Insurance Fund (UIF) ukuqinisekisa ukuthi abaqashi abahlomula kwiCovid-19 TERS bayisebenzisa ngendlela efanele yini le mali.

Lezi zindaba zidalulwe wuKhomishana we-UIF, uMnuz Teboho Maruping ngoLwesihlanu ngesikhathi ehambele eCape Town, eqhuba isigaba sesibili sokulandela imali ye-Covid-19 TERS.

U-Maruping nethimba le-UIF bebehambisana nabacwaningi mabhuku ngesikhathi beyobheka ukuthi kwahlomula abantu abafanele yini eRickard Air Diffusion ese-Lansdowne, eCape Town.

Uthe uhlelo lokuqinisekisa ukuthi yonke imali yaya ezandleni ezifanele, luthatha izinsuku ezinhlanu njengoba abacwaningi mabhuku nethimba le-UIF benika umqashi ithuba lokuziphendulela.

“Lokhu esikwenzayo siyathemba ukuthi kuzosivezela ukuthi sinabaqashi abathembekile abenza izinto ngendlela efanele. Sinqume ukuthi siqinise umkhankaso wethu sisebenzisane nabacwaningi mabhuku ukuze kujeziswe abakhwabanisa imali ye-UIF,” kusho uMaruping.

Uthe sebebophe abaqondisi ababili benye inkampani eyakhwabanisa uR10.6 million we-Covid-19 TERS.

Laba baqondisi bagwetshwe iminyaka ewu-10 bebhadla ejele bahlawuliswa noR600 000.

UMaruping uthe ukuboshwa kwabo kulandela uphenyo olunzulu lwe-UIF, nezinhlaka zomthetho ezihlukene okubalwa kuzo oKlebe, uphiko lwezokushushisa neFinancial Intelligence Centre (FIC).

UMaruping uthe uyaziqhenya ngomsebenzi wethimba le-UIF nazo zonke izinhlaka ezisebenzisana nayo futhi ngeke aphumule bengakasenzi isiqiniseko sokuthi imali yaya kubasebenzi abafanele.

Uxwayise bonke ababekhwabanisa imali ye-Covid-19 TERS okwakufanele isize abasebenzi ngesikhathi izimboni zabo zikhinyabezwe yiCovid-19 ngokuthi bazojeziswa. Uthe ngeke bawubalekele umthetho ngoba bamatasa bayaphenya.

Uveze ukuthi basebenzisana nabacwaningi mabhuku abangaphezu kuka-360 ababheka ukuthi yonke imali eyakhishwa yi-UIF ye-Covid-19 TERS yaphelelaphi.

Uphethe ngokuthi bazowuqhuba umkhankaso wokulandela imali kuyo yonke iNingizimu Afrika baze bazingenele ngqo ezimbonini zabaqashi.