UCWANINGO luveza ukuthi ukudla kusaqhubeka nokwenyuka nakulo nyaka. Esithombeni ngumthengi oqhathanisa amanani obisi kwesinye isitolo Isithombe: DAVID RITCHIE
KUBUKEKA kusazoba wumqansa kwabampofu ukuthi bondle imindeni yabo njengoba igilosa yomndeni omkhulu isibiza uR4 928.34 isuka kuR4 917.42 ebibiza wona ngoJanuwari.
UMnuz Mervyn Abrahams obhekele izinhlelo zePietermaritzburg Economic Justice & Dignity Group (PMBEJD), uthe ucwaningo lwabo luveza ukuthi ukudla kuyaqhubeka nokunyuka nyangazonke.
Uveze ukuthi ngoFebhuwari ukudla kunyuke ngaphezu kuka-5%, phakathi kwakho ubale impuphu athe inyuke ngo-6%, isitambu esinyuke ngo-7% nokunye.
Uthe irayisi, usawoti nesobho kona kunyuke ngo-2% kwathi inyama yangaphakathi yanyuka ngo-4%.
U-Abrahams uthe kuningi okwenza ukudla kubize, abale kukho amandla emali nokunyuka kukaphethroli nodizili.
I-PMBEJD yenza ucwaningo ngentengo yokudla nyangazonke emadolobheni ahlukene aseNingizimu Afrika.
Kulolu cwaningo kuvele ukuthi u-30kg wempuphu usubiza uR309.43 usuka kuR291.61 kanti u-10kg werayisi usubiza uR134.06 usuka ku-R130.99.
U-Abrahams uthe abantu abampofu basazothwala kanzima ukuze bondle imindeni yabo kwazise kubiza uR864.06 ukudla okunomsoco kwengane kodwa uhulumeni unesibonelelo sezingane sikaR480, esizonyuka sibe wuR520 ngo-Okthoba.
Uthe nabasebenzayo abaholelwa ngohlelo lwe-national minimum wage ewuR3 710.40 kusho ukuthi umholo wabo ngeke ukwazi ukuthenga ukudla okwanele komndeni.
Ukhale ngesibalo esiphezulu sabantu abangasebenzi esiwu-7.8 million esho nokuthi uhulumeni kufanele eze nezinhlelo zesibonelelo sabangasebenzi ebhekile hhayi esiwuR350.
Akusiyo kuphela i-PMBEJD ekhala ngesibonelelo sabangasebenzi esincane njengoba namaqembu epolitiki efuna okungenani sibe ngaphezulu kukaR500 lesi sibonelelo.
Related Topics: