IZINGA eliphezulu labantu abanini abangasebenzi kuleli seliholele ekutheni abanye basukume bahambe beyofuna noma yimuphi umsebenzi abangawenza ukuze bondle imindeni yabo. ISITHOMBE: EPA/NIC BOTHMAISITHOMBE: EPA/NIC BOTHMA
UMholi we-DA, uMnuz John Steenhuisen uthe kufanele kuqhakanjiswe ukuthi emathubeni omsebenzi angu-169 000 adaleke ngekota yokugcina yonyaka odlule, angu-167 000 adaleke eWestern Cape lapho kubusa khona i-DA.
“Kufanele kubekwe kucace lokho,” kusho uSteenhuisen.
Isibalo sabantu abangasebenzi sehle ngo-0.2% phakathi kuka-Okthoba noDisemba nyakenye. Lokhu kuvezwe iStats SA izolo.
UMqondisi oMkhulu wezibalo zabasebenzi, uNksz Desiree Manamela uthe ngokolwazi olukhishwe yiQuaterly Labour Force Survey (QLFS) kuvela ukuthi ingu-169 000 imisebenzi edalekile ekoteni yokugcina nyakenye.
Uthe ngokwezibalo, isibalo sabantu abasebenzayo besimi ku-15.9 million ekoteni yokugcina yonyaka.
“Isibalo sabangasebenzi sinyuke ngo-28 000 safinyelela ku-7.8 million ekoteni yokugcina yonyaka,” kusho uNksz Manamela.
Uveze ukuthi isibalo sabantu ebebengazibandakanyi nezomnotho ngezizathu ezingaphathelene nokulahla ithemba sinyuke ngo-95 000 sabekwa ku-13.4 million.
“Isibalo salabo abangasazixaki ngokufuna umsebenzi ngenxa yokulahla ithemba sona sinciphe ngo-151 000 ekoteni yokugcina yonyaka,” kusho yena.
“Lolu shintsho oluthinta izibalo zabasebenzayo nabangasebenzi luholele ekutheni isibalo sabangasebenzi sehle ngo-0.2% sisuka ku-32.9% sayofinyelela ku-32.7% ngekota yokugcina onyakeni,” kusho uNksz Manamela.
Eklelisa imikhakha ngokwahlukahlukana kwayo, uthe owezezimali ubumi esibalweni sika-103 000, owezokuhweba ubumi ku-52 000 ngesikhathi owezokuthutha wona umi ku-43 000.
Uveze ukuthi imisebenzi eminingi elahlekile ibisemkhakheni wezemisebenzi yomphakathi olahlekelwe imisebenzi engu-122 000, owezokulima ngemisebenzi engu-12 000 bese kuba owezokwakha ngemisebenzi engu-12000.
“Imboni egunyaziwe yabaqashi yenyuse isibalo sabaqashiwe ngo-143 000, ngesikhathi imboni yabazisebenzayo yona iveze irekhodi labangu-15 000 abalahlekelwe imisebenzi,” kusho yena.
Uqhube wathi izibalo zakamumva zisaqhubeka nokwakha isithombe esingesihle sokuthi intsha eneminyaka ephakathi kuka-15 no-34 kusalokhu kuyiyo ehamba phambili ngokungasebenzi njengoba isibalo sayo simi ku-45.3%.
Uthe lesi sibalo siveza ukuthi intsha engasebenzi yenyuke ngo-46 000, njengoba isihleli ku-4.6 million.
Related Topics: