Izindaba

Ubuholi bomdabu busola uhulumeni ‘ngedamu’ laseNseleni

Zimbili Vilakazi|Published

IDAMU laseNseleni eseliphenduke indawo yokungcebeleka Isithombe: 1KZN TV

UBUHOLI bomdabu endaweni yaseNseleni, enhla neKwaZulu-Natal, bukhomba ngenjumbane uhulumeni ngokuqhubeka kwezigameko zokuminza kwabantu edamini eseliphenduke indawo yokugcebeleka kule ndawo.

NgoMgqibelo kuminze abantu ababili ebebebhukuda kulo. Kubona isidumbu soyedwa (47) sitholwe yithimba labatakuli izolo.

Lona omunye (30) yena utakulwe ngamalungu omphakathi ngalo usuku lwesigameko, waphuthunyiswa emtholampilo wendawo kodwa kwafike kwamenela khona.

Induna yendawo, uMnuz Dube, ithe kwenzeka lesi sigameko nje, bebesalinde uMasipala waseMhlathuze noMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu ukuba babuye bazomoma wonke amanzi agcwele kulo mgodi, bese bebuyisela inhlabathi.

“Lona ngumbono esasiwuphakamisile kubona siwubuholi bomdabu ngethemba lokuthi uma wenziwa njengoba sisho, izonqamuka indaba yabantu abavele bayothi bhu kuleli damu, bagcine sebezithola besengozini yokuminza njengoba kwenzekile kulesi sigameko sakamuva,” kusho uDube.

Uthe ilokho kuphela ebebenesiqiniseko sokuthi kuzosiza njengoba kwaba nhlanga zimuka nomoya ukukhuluma nabo ngoJanuwari, nonyaka.

UDube uveze ukuthi emva kokuthola ukuthi abantu sebeqale ukusebenzisa lo mgodi njengendawo yokubhukuda, abapholisanga maseko, banikela khona ukuyokhuza umhlola.

“Sathi sesikhuzile, baqhubeka babhukuda kwaze kwaba khona ominzayo ngasekupheleni kukaJanuwari. Ilapho esabona khona ukuthi ukukhuluma nabo akusizi, kungcono sikhulume nezinhlaka zikahulumeni ukuze sibambisane kule nkinga,” kusho uDube.

Eqhuba, uDube uthe njengoba sekunje, akukho okuningi abangabe besakwenza ngoba bakuzame konke okusemandleni abo.

IMeya yoMasipala waseMhlathuze, uMnuz Xolani Ngwezi, idlulise amazwi enduduzo emndenini yabashonelwe.

Uqhube wathi, bayaqhubeka nokwexwayisa amalungu omphakathi ukuthi awayeke ukuyobhukuda kuleliya damu ngoba alikulungele ukuthi kubhukudwe kulo.

“Sinxusa izakhamuzi ukuthi ziyobhukuda ezindaweni ezakhelwe ukubhukuda ezikhona eNseleni, Aquadene, Brackenham ne-Alkanstraad esolwandle lwaseMeerensee. Lezi zindawo zikufanele ukubhukuda ngoba zinanohlelo lwabalekelela abaminzayo,” kusho uNgwezi.

UNgwezi uveze ukuthi ngisho namasampula amanzi athathwe khona ayohlolwa ngochwepheshe, imiphumela yakhona iveze ukuthi amanzi akulo awakulungele ukuthi kungabhukudwa kuwona.

“Lolu daba lusesezandleni zaboMnyango wezokuMbiwayo nomnikazi wedamu kulandela umhlangano owawuphakathi kwezikhulu zawo lo mnyango, ubuholi bomdabu bendawo, ikhansela nomasipala,” kusho uNgwezi.

Imindeni yabashonile inqabile ukuphawula ngesigameko.

Akuqali ukuthi kufe umuntu kuleli damu njengoba Isolezwe like labika ngesigameko sokuminza komuntu ngasekupheleni kukaJanuwari, nonyaka.

Leso sigameko seza emva kwezinsuku ezimbalwa ubukhosi bendawo bukhuze umhlola ngendaba yokubhukuda kwabantu kuleli idami, baqwashisa abantu ukuthi abayeke ukubhukuda khona ngoba liyingozi.

Okhulumela amaphoyisa eKwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe ayaphenya ngesigameko emuva kokuminza kwabebebhukuda nabangani eNseleni.

ITHIMBA labatakuli ngesikhathi kuqhubeka ukutakulwa koyedwa wabaminzile Isithombe: CITY OF UMHLATHUZE MUNICIPALITY