Esithombeni amathuna aseStellawood okukhona kuwo amadala namasha Isithombe: Shelley Kjonstad/African News Agency(ANA)
UKUCINDEZELEKA, ukuzizwa uwedwa ngenxa yobunzima obhekene nabo nokungazi ukuthi ungakhuluma nobani ngokukuhluphayo - ngezinye zezimo eziholela ekutheni abantu abasha bagcine bezibulala kuleli.
Ngokocwaningo olwenziwe yiNelson Mandela School of Medicine, eThekwini, balinganiselwa ku-20 kuya ku-25 abantu abazibulalayo ngosuku, ingxenye yabo enkulu okungabantu abaneminyaka ewu-15 kuya ku-24.
Njengoba kuqala umkhankaso wokuzama ukulwa nokuzibulala kwabantu abasha kuleli sonto, iTeen Suicide Prevention Week, iSouth African Depression and Anxiety Group (SADAG), isiveze ukuthi nakuba kungabantu besifazane abazama kaningi ukuzibulala, kodwa ngabesilisa abagcina bezibulele esikhathini esiningi.
Ithe lokho kudalwa wukuthi amantombazane avame ukusebenzisa amaphilisi noma imithi ukuzibulala, kuthi abafana basebenzise izibhamu noma bazilengise.
Umsunguli weSADAG, uNkk Zane Wilson, uthe konke lokhu kuyizinkomba zokuthi ukuzizwa ucindezelekile nokufikelwa wumuzwa wokuzibulala, kwenza abantu abaningi abanokhwantalala bagcine ngokuzibulala uma bengasizakalanga kusenesikhathi.
“Kuyasidumaza ukuthi sihlale sithola izingcingo kubantu abasha, ikakhulu amantombazane aneminyaka ewu15 ahlukunyezwa wosingababa kokunye kube ngabafana abasuke beshonelwe ngabafowabo abadala noma sithintwe yizingane ezineminyaka ewu-12 ezishonelwe ngabazali ngenxa yegciwane ingculazi.
“Konke lokho nokunye kungezinye zezizathu eziholela ekutheni abantu abasha bazibulale uma bengatholanga muntu abangakhuluma naye ngalezi zimo ezibahluphayo.“Ukunyuka kwezibalo zabantu abasha abazibulalayo ezweni, kudinga ukuthi wonke umuntu; kusuka kothisha, amaphoyisa, abemitholampilo, abamasonto nezinhlangano zomphakathi - babambe iqhaza ukulwa nale nkinga,” kuchaza uNkk Wilson.
Ephetha, uthe okuhle nokho wukuthi isifo sokucindezeleka phecelezi i-depression siyalapheka uma esimphethe ezozihlupha ngokufuna usizo ngaso kusenesikhathi.
Related Topics: