Izindaba

Awupheli mandla umbukiso wamabhizinisi osuneminyaka ewu-25

Partnered Content|Published

Sekuvuliwe ukubhalisela umbukiso wamabhizinisi wodumo kaMasipala weTheku, iDurban Business fair (DBF) ogubha iminyaka ewu-25. Lo mbukiso wamabhizinisi uzosingathwa kusukela mhlaka 22 kuya ku 24 Septhemba e-Durban Exhibition Centre.

I-DBF ingenye yezinhlelo zokuthuthukisa umnotho ezisingathwa wuMasipala ukuqinisekisa ukuthi amabhizinisi asafufusa ayadlondlobala futhi ayabandakanywa ekubambeni iqhaza emnothweni weDolobha.

Sebenzisa le-link ukuthola ifomu lokubhalisa: http://bit.ly/3YfbIsb. Ungavakashela naku-www.durban.gov.za ukuze uthole ifomu lokufaka isicelo noma uye e-7th floor, e-Embassy Building, ku-Anton Lembede Street ukuze uthole amafomu okubhalisa.

Ungakwazi nokuthumela i-Email [email protected] ukucela amafomu okufaka isicelo sokukhangisa kumbukiso wamabhizinisi.

Kulo nyaka kwethulwe uhlelo lokukhokha olunezigaba ezahlukene. Okuzoshaya umhla ka-31 Mashi eseyikhokhe yonke imali yombukiso uzothola isaphulelo.

Ukukhokhela ukukhangisa kulo mbukiso kuvalwa ngomhla ka-28 Ephreli. Kunenhlawulo uma ubhalisa sekwedlule isikhathi. Ungabe usalinda, bhalisa manje ukuze uzihlomulele ngezaphulelo.

Ngeminye imininingwane ungaxhumana noMnqobi Mthethwa ku- 061 006 6162.