Stethascope. Picture: Julio César Velásquez Mejía from Pixabay
INHLANGANO yodokotela iSouth African Medical Association (SAMA), ifuna kube nenkantolo eyisipesheli ezoqula amacala odokotela nabasebenzi bezempilo, enzeka ngesikhathi besemsebenzini wabo.
Inhlangano isho lokhu ngemuva kokuthi udokotela wezingane uDkt Peter Baele, ebekwe icala lokubulala kulandela ukushona kwezingane ezintathu ngemuva kokuthi ezihlinzile.
ISama ithi leli cala selidale ubungozi kodokotela.
UDkt Mark Human, weSama ucashunwe kweminye imithombo yezindaba, ethi kube nesigameko sokushona kwengane eneminyaka engu-10 ngemuva kokuhlinzwa yilo dokotela, kwase kutholakala ukuthi kunezinye futhi izingane ezimbili ezishone ngemuva kokuhlizwa agcina esemathathu amacala abekwe wona.
“Ngeke ngikwazi ukukhuluma ngemininingwane yecala kodwa udokotela ohlinzayo ubekwe amacala okubulala ngokungenhloso manje asephenduke aba ngawokubulala. Ngokwami ukuqonda ukubulala kusho ukuthi isenzo senziwe ngenhloso. Uma kunjalo ngabe kuthiwa udokotela ohlinza izingane ongusolwazi, onekhono nesipiliyoni ngelinye ilanga uvuke wanquma ukubulala ingane eneminyaka engu-10?" kubuza uHuman.
Uqhube wathi ufisa ukwazi ukuthi isinqumo sokuthi umuntu abekwe icala lokubulala sithathwa kanjani ngoba kulokhu akuqondakali.
UHuman uthe enye yezinkinga ezibhekene nomkhakha wezempilo ukuthi kunemicikilisho eminingi eyenziwayo ngesikhathi isiguli sihlinzwa, akukhona ukuhlinzwa kuphela.
Uqhube wathi uhlelo lwezomthetho olulandelwa kuleli luthathelwe emazweni aphesheya oluhlale lufuna ukuthi kube nomuntu osolwayo futhi kuba onemali ozokwazi ukuhlawula.
UDkt Mvuyisi Mzukwa, usihlalo wenhlangano, uthe uke washo phambilini ukuthi abakwazi ukuthula uma odokotela bequliswa amacala ngabezindaba, bebe bephucwa ilungelo lokuzivikela enkantolo.
“Sikholelwa ekutheni kube nesisombulolu ngamacala athinta amaphutha ezempilo. Odokotela bangabantu, inhlangano isekela ukuthi kube nenye indlela yokuxazulula izingxabano ezithinta ukwelashwa. SiyiSama sincoma ukuthi kusungulwe inkantolo eyisipesheli lapho kuzobizwa odokotela abaqeqeshiwe ukuze bacubungule izinqumo ezithathwa ngodokotela,” kusho uMzukwa.
Related Topics: