Izindaba

UMabuza uqinisekise eyokwesula kwesephini likamengameli

Khethukuthula Sangweni|Published

IPHINI likaMengameli uMnuz David Mabuza eliveze ukuthi lizimisele ngokushiya esikhundleni lidedele uzakwabo uMnuz Paul Mashatile isithombe : SIGCINIWE

KHETHA SANGWENI

IPHINI likamengameli wezwe uMnuz David Mabuza selize labhoboka ngemibiko yokwesula esikhundleni ebilokhu isabalele. UMabuza uphawule ngalolu daba emngcwabeni thizeni abewuhambele eMpumalanga esifundazweni adabuka kusona. UMabuza uthe usexoxile nomengameli bavumelana ngokushenxa kwakhe.

“ Kade kunengqunqguthela kwakhethwa omunye umuntu manje kufanele ngimdedele ngoba ngiyambona naye uyanyakaza nami kufanele ngisheshise. Umengameli uzomemezela ukuthi uMabuza usehambile,’’ kusho uMabuza enanelwa yizethameli zivungama.

UMabuza umemezela lokhu nje bekusabalele ukuthi kufanele adedele uMnuz Paul Mashatile okuthiwa kufanele angene ehhovisi lephini likamengameli. UMashatile ukhethelwe kwesePhini likaMengameli we-ANC engqungqutheleni ebingoDisemba ngonyaka odlule.

UMabuza ubuye wangabonakala emhalanganweni wekhabhinethi nokuqinise amahlebezi okuthi uyashia esikhundleni.