Izindaba

Isenkantolo eyabafuna kumiswe imigomo yeCovid-19

Phili Mjoli and Mervyn Naidoo|Published

INGANE yokuqala yentombazane igoma, iSefako Makgatho Health Sciences University, Numolux neSinovac basebenza ndawonye ngemigomo yeCovid-19. Isithombe: Thobile Mathonsi/African News Agency(ANA)

ABANYE ongoti bezifo, ososayensi nezinhlangano zamalungelo bafuna uhulumeni amise umkhankaso wakhe wokugomela iCovid-19 ngokushesha ngoba besola ukuthi kunabantu abaningi ongabaphathi kahle.

Lezi zinhlangano zifake amaphepha enkantolo, zithi uhulumeni uyaqhubeka nokugqugquzela ukuthi abantu bagomele iCovid-19 kodwa akaphenyi kahle ukusebenza nokuphepha komgomo yeCovid-19 esetshenziswayo.

Zithi iziphathimandla ziyaziba uma zibikelwa ngabantu abalinyazwe wumgomo, odokotela abaphumela obala bekhuluma ngomthelela womgomo phambilini bahlukuyenza.

I-Covid Care Alliance, iTransformative Health Justice (THJ) neFree the Children, izinkampani ezintathu ezingenzi nzuzo, zifake isicelo esiphuthumayo eNkantolo eNkulu yasePitoli.

Emaphepheni asenkantolo lezi zinhlangano zifuna uMengameli Cyril Ramaphosa, uNgqongqoshe wezeMpilo, uDkt Joe Phaala, ibamba likaMqondisi walo Mnyango, uDkt Nicholas Crisp, iSouth African Health Products Regulatory Authority (Sahpra) noMnyango wezeZimali kuzwelonke baphendule.

Nyakenye bebengu-70 odokotela ebebehambisana neTHJ, manje sebengu-200.

UNkk Shabnam Mohamed, umsunguli we-THJ, ufake incwadi efungelwe egameni le-THJ, uthe bathule inkundla ezimele yokubika uma ungaphathekanga kahle ngemuva kokugoma nezinkinga ezikuvelele ngemuva kokugoma, i-SA Vaccine Adverse Events Report System, ngoMeyi 2021. Kuleyo nkundla sebethole imibiko engu-1097 evela emindenini yabashonile, noma abantu abalimele ekugomeni i-Covid-19.

UMnyango wezeMpilo neSaphra bathe ngeke baphawule ngalolu daba ngoba lusenkantolo.