uNgqongqoshe wawo, uMnuz Gwede Mantshashe uthe ushintsho luzokwenzeka emva kokubuyekeza isimo sakuleli kanjalo nesangaphandle. isithombe: Jacques Naude/African News Agency(ANA)
SIKHULU isililo ezinkundleni zokuxhumana ngesimemezelo sokukhuphuka kukaphethroli.
UMnyango wezaMandla nokuMbiwayo umemezele ngokusemthethweni izolo ukuthi uphethroli wenyuswa ngo-28c ilitha, kuthi udizili wenyuke ngemali ephakathi kuka-0c no-9c ilitha.
Esitatimendeni esikhishwe wumnyango, uNgqongqoshe wawo, uMnuz Gwede Mantshashe uthe ushintsho luzokwenzeka emva kokubuyekeza isimo sakuleli kanjalo nesangaphandle.
Echaza phakathi kwezinye izimo ezibangele lokhu, uMantashe uthe: “Izimo ezifaka phakathi amazwe angaphandle, ukuthi iNingizimu Afrika iwuthenga kuwona uwoyela ongahluziwe ngentengo efunwa khona emazweni angaphandle, kufaka phakathi nezindleko zokuwuletha kuleli.”
Uthe intengo kawoyela ongahluziwe yenyuke isuka ku-85.08 wamaDola ase-US umphongolo uya ku-86.16 wamaDola ngomphongolo.
“Lokhu kubangwe wukuvuleka komnotho waseChina,” kusho uMantashe.
Ngenyanga eyedlule, uphethroli ubuwehle ngo-R2.06 ilitha, kwathi udizili wona wehla ngentengo ephakathi kukaR2.81 kuya kuR2.69.
Abantu banikele ezinkundleni zokuxhumana bazwakalisa ukungenami ngokunyuka kukaphethroli, njengoba nentengo yokudla imba eqolo, ekubeni nemalimboleko isanda kwenyuka.
UNodlalisa Ntuli Mahlalehlomile uthe: “URamaphosa wonke lo.”USamkele Sam uthe: “Uyabona uma kukhulunywa ngezwe elifile, yileli. Akukho nethemba futhi lokuthi koke kulunge.”
UNtuthuko Mbeje ukhale ngokuthi uphethroli usuyenyuka, ekubeni kade usanda kwehla ngenyanga edlule.
Related Topics: