Izindaba

Kugwetshwe iphoyisa livuma awokubulala ingoduso nomngani

Jolene Marriah-Maharaj and Simphiwe Ngubane|Published

South Africa - Durban - 10 August 2021 - Security beefed up outside Pietermaritzburg high court during former president Jacob Zuma's court case with barb wire used to secure most of the areas leading to the court Picture: Doctor Ngcobo/African News Agency(ANA)

INKANTOLO eNkulu yaseMgungundlovu iligwebe iminyaka engu-30 iphoyisa ngamacala amabili okungelokubulala umngani walo nengoduso yalo ngasekuqaleni kukaJanuwari.

UConstable Lindokuhle Sikhakhane (27), ugwetshwe izolo, emuva kokuvuma icala lokudubula uMnuz Sandile Nene ngoJanuwari 7, noNksz Samkelisiwe Mtshali ngoJanuwari 8.Wazinikela yena emaphoyiseni ngoMsombuluko wangoJanuwari 9, zamkhalela.

IJaji u-Elsje Bezuidenhout libe selimgixabeza ngesigwebo seminyaka engu-30 ebhadla ejele.Encwadini efungelwe abevuma ngayo amacala efundwe ummeli wakhe, uMnuz Bongani Mbatha, uSikhakhane uthe ubelokhu enezinsolo zokuthi uNksz Mtshali uyamjolela.

Ulandise wathi ngoJanuwari 6, waqasha uNene, obengunogada futhi engumngani wakhe weminyaka, ukuba amhambise ngemoto yakhe ayobheka uNksz Mtshali, ayengamtholi kwiselula yakhe futhi ekhathazekile sekuhlwa engabuyile.Leli phoyisa ebelisebenzela esiteshini iBishopstowe, eMgungundlovu, lithe ingoduso yalo yahamba iwumuntu oya kubo kwayo ikhala ngokuthi ayiphilile.

USikhakhane uqhube wathi kwathi ngabo-11 ebusuku, ngoJanuwari 6, wacela uNene amsuse eMgungundlovu amyise eNquthu, bavumelana ngokuthi uzokhokha uR3 000 bese egcwalisa ithangi likaphethroli ngaphezulu.

Kuthiwa endleleni uSikhakhane wayelokhe eshayela ucingo uNksz Mtshali kodwa lungabanjwa, wase eshayela udadewabo (kamufi) emazisa ngokwakwenzaka.

Encwadini, leli phoyisa liqhuba lithe labe selithola iSMS eyayivela kumufi elazisa ngokuthi lingezi, akafuni ukukhuluma nalo, lokho okwalenza lasola ukuthi uyajola lapho ekhona.

USikhakhane uthe emuva kwalokho, wabe esethola ucingo oluvela kumufi emazisa ukuthi akafuni ukuxoxa naye ngoba udinwe ukuthi umkhulelisile.

Kungalesi sikhathi sengxoxo lapho uSikhakhane etshele khona inkantolo ukuthi wezwa izwi lomuntu wesilisa owayekhuluma eceleni kwengoduso yakhe, eyavala ucingo ngokuphazima kweso.

Uthe lokhu kwamthukuthelisa kakhulu futhi kwaqinisekisa izinsolo ayekade enazo ngomufi ukuthi uqomile.

USikhakhane uveze nokuthi endleleni ebheke eNquthu, baxabana noNene okuthiwa wakhala ngemali ayezokhokhelwa yona ethi incane, akwengezwe uR2 000 ngenxa yebanga elide.

Uthe waphuma emotweni waya ngasesicabheni somshayeli kuNene, waqaphela ukuthi wayesephethe isibhamu ngesandla kanti uzovele adubule kuqala. Isidumbu wasikhipha emotweni wasilahla ehlathini waqhubeka nohambo oluya eNquthu ngemoto kamufi.

Endleleni, uSikhakhane uthe wafikelwa ukuthi ashayele inombolo ayithola ocingweni lengoduso yakhe ngonyaka odlule.

“Iselula yaphendulwa wumuntu wesilisa owakuqinisekisa ukuthi uyathandana nengoduso yami futhi bebendawonye kusukela ngoJanuwari 5. Yaxolisa le ndoda ngokuba kulobu budlelwano, ithi yayikade ingazi ukuthi ijola nengoduso yami,” kuchaza uSikhakhane.

USikhakhane uthe waya kubo kamufi kwaqinisekisa ukuthi akalalanga khona, wase eyamshayela ucingo kodwa waphika ukuthi uyamjolela, kunalokho bahlela ukuthi bahlangane eDundee, khona bezobuyela bobabili eMgungundlovu.

Sebesemotweni, endleleni ebuyayo, kuthiwa kwasuka esinamathambo, zathathana kangangoba uSikhakhane uthe wamisa imoto ngaphansi kwesihlahla, wayalela umufi ukuthi avule iselula yakhe kodwa wenqaba.

Kuthiwa kungalesi sikhathi lapho uSikhakhane ahosha khona isibhamu wadubula ingoduso yakhe yashona, wase eya kobikela unina ukuthi usebulele abantu, wabe esedlulela emaphoyiseni wayozinikela.

Umshushisi u-Advocate Mbongeni Mthembu ufundele inkantolo isitatimende esibhalwe yingoduso kaNene, uNksz Amanda Nontokozo Zondi ngobunzima ebhekene nabo bokukhulisa ingane yabo enezinyanga ezimbili yodwa.

“Angikwazi nokucabanga kahle futhi awekho amagama angachaza intukuthelo, ukuphoxeka nozwangedwa enginawo emuva kwesehlakalo. Ngilimele emphefumulweni, uma ubheka nokuthi besihlele ukuthi sizoshada noSandile kulo nyaka,” kusho isitatimende sikaNksz Zondi.