Izindaba

Akakholwanga ethintwa yisikhulu senyuvesi ngomfundaze

Nonkululeko Nhlapo|Published

UMFUNDI waseKZN obashaye bonke emakhanda, uSinakhokonke Siyaya, ethokozela indondo emcimbini wokuklonyeliswa obusePhoenix isithombe: KHAYA NGWENYA/African News Agency (ANA)

IZUNGEZA ezinkundleni zokuxhumana i-video yentokazi yasoSizweni, eNewcastle, ethole ithuba eliyingqayizivele ingazelele.

USinakhokonke Siyaya obefunda ePhendukani High, uthole umvuzo omuhle wokuphasa ngamalengiso eshayelwa yisikhulu seNyuvesi yaseKapa.

Le ntokazi iyingxenye yabafundi abaphase ngamalengiso abamenywa edilini lesidlo sasekuseni noNgqongqoshe wezeMfundo ngoLwesine, ngoJanuwari 19, ngaphambi kokukhishwa kwemiphumela yabafundi.

Le ntokazi ithole ucingo olukhethekile ingazelele ishayelwa wuVice Chancellor wase-University of Cape Town (UCT) uSolwazi Mamokgethi Phakeng, emtshela ngethuba eliyingqayizivele amlethela lona ngokwenza kahle kwakhe ezifundweni.

UMamokgethi Phakeng ubongele lo mfundi encoma ukuthi wenze kahle kakhulu, wathi ukuthokozele ukubona i-video yakhe echaza ukuthi kungani efuna ukufunda e-UCT.

“Ngithokoze kakholu ukubona i-video yakho ngaze ngayidlulisela phambili. Ngithe ngibona uhlu lwabafundi abazothola umfundaze ngathokoza ngibona igama lakho. Uthole umfundaze wezifundo ozikhethile, usuthathiwe, uzothola indawo yokuhlala, amathikithi e-VIP kuyo yonke imidlalo yasenyuvesi, uzothola nezimemo zemicimbi ekhethekile,” kusho uSolwazi Mamokgethi Phakeng.

Lokhu kuthokozise abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana abancome umusa nobuholi bukaMamokgethi Phakeng, abanye bahalalisele le ntokazi ngokufunda ngokuzimisela yaze yaphumelela.

@Johnny__the_2nd: Cabanga nje ukube kuthiwa bonke abaholi banomfutho, inhliziyo nomoya wakho. Ngabe sikude kabi!

@MonwaShezi: Kwaze kwathokozisa lokhu engikubonayo. Halala Sinakhokonke ngomsebenzi omuhle!

@SebeNyambose: Siyabonga kakhulu siyiNewcastle, ngokwenzele iqhawe lethu