Izindaba

Bafuna ucingo oluzogwema ukuminza kwabantwana

Zimbili Vilakazi|Published

ABOSIZO oluphuthumayo benkampani iReaction Unit South Africa bebheka ingane eminze kudlalwa umdlalo obizwa ngehhashi edamini eHazelmere Isithombe: REACTION UNIT SOUTH AFRICA

IZIGAMEKO zokuminza kwezingane ezidla lubi muva nje, zishiye imiphakathi ikhungathekile ngokuthi yini okumele yenziwe ukuze kuvikelwe izingane.

Ezigamekweni eziningi abazali basuke bezitshela ukuthi ziyodlala kanti ngenxa yelanga elikhipha umkhovu etsheni kulezi zinsuku, izingane zihamba ngaphandle kwemvume yabazali ukuyobhukuda emifuleni eyingozi njengoThukela.

Umphakathi waseMandeni kumanje uphansi phezulu uthungatha isidumbu somfana owaminza emfuleni uThukela ngeledlule. Usunxuse umasipala wale ndawo ukuthi uwufakele ucingo oluzogwema ukuthi izingane zingakwazi ukufinyelela emfuleni uThukela kulandela izigameko zokuminza kwezingane.

USiyamthanda Sibisi oneminyaka eyishumi waseNdulinde ominze ngoMsombuluko odlule ebhukuda nontanga yakhe kulo mfula, kuthiwa bahamba ibanga elide beyobhukuda kanti uzominza.Kuze kube yimanje besingakatholakali isidumbu sakhe.

Unina omdala kaSiyamthanda uNksz Xoli Sibisi unanele ikhwelo lamanye amalungu omphakathi ngokuthi kungaba wumbono omuhle ukuthi umasipala ubafakele ucingo

.“Abazali basuke bezitshela ukuthi izingane ziyadlala eduze kwemizi kanti zona ngobungane sezihambile zayobhukuda kulo mfula ngenxa yokushisa kwelanga,’’ usho kanje.

Ilungu lomphakathi lakule ndawo, uMnuz Muzi Ndwandwe lithe isigameko sokuminza kukaSiyamthanda bekungesona esokuqala kule ndawo.

Uthe bayakholwa wukuthi uma kunocingo oluhlukanisile imizi nomfula, ngeke kuze kube lula ukuthi izingane zifinyelele kulo mfula ngoba izigameko zokuminza kwezingane seziqala ukuba yinkinga ikakhulukazi ehlobo.

“Ziningi izingane ziminza kulo mfula. Uma kushisa zivele ziyobhukuda ngaphandle kokwazisa abazali. Sicela ucingo ukuze sikwazi ukuthi sigweme lesi simo,’’ echaza.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Nqobile Gwala uthe amaphoyisa aseSundumbili avule icala lokuduka komuntu kulandela ukunyamalala komfana oneminyaka eyishumi.

“Lo mfana kuthiwa uminze eMatsheketsheni eMandeni. Ukufunwa kwakhe kusaqhubeka,” kusho uLt-Col Gwala.

Kwesinye isigameko naso esenzeke ngeledlule umfana oneminyaka eyisikhombisa uminze edamini iHazelmere nakhona kuthiwa wayeyokhipha ukushisa namanye amalungu omphakathi. Kulesi sigameko kuthiwa wayedlala umdlalo owaziwa ngokuthi yihhashi phakathi emanzini.

Uma kudlalwa lo mdlalo omunye uzenza ihhashi ngesikhathi omunye egibele kuyena. Kulesi sigameko sasedamini eHazelmere kuthiwa umufi wayegibele kwelinye ilungu lomphakathi kanti uzoshibilika aphoseke emanzini, wamuka.

Okhulumela inkampani yonogada ebuye inikezele ngosizo oluphuthumayo, iReaction Unit South Africa (RUSA), uMnuz Prem Balram uthe ngesikhathi befika endaweni yesigameko, basindise owesilisa obesehlaselwa wumphakathi umsola ngokuba yimbangela yokuminza kwengane.

Uthe owesilisa nguye obeyihhashi, ingane igibele kuye, ugcine etitinywa ngamalungu omphakathi ngoba umfana ushibilike kuye emhlane ngesikhathi kudlalwa lo mdlalo.

Okhulumela i-IPSS Medical Rescue, uMnuz Meyrick uthe ezigamekweni eziningi abazibonile, baqaphele ukuthi izingane eziningi eziminza emifuleni nasemadami zisuke zingagadwe muntu.

“Okunye okuba yimbangela wukuthi kulula ukuthi zifinyelele kulawa madamu nemifula. Kubuye kube nenkinga yokuthi lezi zigameko kazibikwa ngesikhathi nokuholela ekutheni baphuze ukuthola usizo. Okunye okungalungile okwenzekayo wukuthi abantu bakha isihlabathi emifuleni, kugcine kuba nemigodi eshona ngokweqile ngaphansi kwamanzi,” kusho uMeyrick.