Izindaba

Uphumile kubanakwabo owoThando Nesthembu

Nqobile Masimula|Published

UTHOBILE 'MaKhumalo' Mseleku Isithombe: ESIGCINIWE

USHA amashushu ngohlelo lwabo olusha uThobile MaKhumalo Mseleku, okholwa wukuthi luzosiza inqwaba yabantu basimamise imishado yabo.

Ekhuluma neSolezwe ngoMgqibelo uThobile uthi uhlelo luzokwenza isiqiniseko sokuthi abantu bahlenge imishado yabo, ukuze kwehle nezinga lokwehlukanisa phakathi kwabashadile.

UTHOBILE MaKhumalo Mseleku uthi uphumile ezintweni ezithinta abanakwabo kodwa akababambele igqubu

Lolu hlelo olubizwa ngokuthi Ezomshado luzokwethulwa nguMaCele noMaKhumalo, bobabili abangamakhosikazi kaMseleku.

“Ngomusa kaNkulunkulu sesikhulile futhi sisebenzisane kahle kakhulu, siqopha lolu hlelo. Konke ukungaboni ngaso linye sikubeke eceleni sahlangana ngehnhloso eyodwa okuwukusiza abantu,” kusho uMaKhumalo.

Usho kanjena nje uMaKhumalo, bebesematheni emuva kokudlala kwesiqephu sakamuva soThando neSthembu, lapho kuvele khona ukuthi uMaCele noMaYeni abafikanga emcimbini wokumbeswa kukaMaKhumalo.

Ephawula ngalokhu uthe yize esekudlulisile engqondweni yakhe ngoba akakholelwa ekubambeni amagqubu, kodwa kwamphatha kabi ukungafiki kwabo.

“Ekuqaleni ngangiphoxekile ngoba ngangilindele ukuthi uphelele wonke umndeni wami. Ukuthi sisesithenjini mina lokho angikuthathisi okokuthi siyizitha, kunalokho ngibathathisa okomndeni. Nokuthi uma benokungaboni ngaso linye, kugcine kuthinteka nami. Kodwa njengomuntu omdala sengiyaqonda ukuthi abantu banenkululeko yokwenza ngendlela ebajabulisayo, inqobo uma mina ngenze ngendlela elungile,” kusho uMaKhumalo.

Uqhube wathi njengoba esekhulile useyazi ukuthi akuyona yonke into oyifisayo ezokwenzeka futhi nezinto ezimbi ziyenzeka kubantu abenza kahle empilweni.

Uthe ukusebenzisana noMaCele ohlelweni olusha kusizile ukukhulisa ubudlelwano babo futhi usebone nolunye uhlangothi ngaye.

Kulesi siqephu uMaKhumalo uveze ukuthi naye uzoyeka ukubeka eqhulwini abanakwabo, uzophuma kubona. Empeleni ubephendula uMseleku, okunguye obemtshela ukuthi akayeke ukuhamba phambili asize uMaCele noMaYeni ngoba bamkhombisile ukuthi kabamfuni.

‘’Ngizoyeka ngoba kusho wena...mina ngila engikhona ngenxa yakho. Uma uthi angiphume kubona, ngizokwenza lokho,’’ usho kanje esiqeshini sakamuva.

NoMaYeni kuleli sonto uke waba sematheni emva kokuthi eshiye angalazi kubantu abamgxeka ngodaba lukaMaKhumalo ezinkundleni zokuxhumana.

‘’Aningazi asazani. Ngicele niphume kimina.....Anazi lutho nje ngempilo yami,“ usho kanje.

Ezomshado zizoqala ukukhonjiswa kuMzansi Wethu (DStv Channel 163) ngoJanuwari 22 ngo-9.