UDkt Mvuyisi Mzukwa usihlalo weSAMA, uthe okamamanje ososayensi basacubungula ukuthi igciwane iXBB.1.5, eqanjwe ngokuthi iKraken okuthiwa isabalalala ngokushesha yehluke ngani kwamanye amagciwane abekhona nokuthi liziphatha kanjani.
INHLANGANO yodokotela bakuleli, iSouth African Medical Asssociation (SAMA), ithi okwamanje abantu abangaqale baphakamise amaphaphu ngenxa yokuvela kwegciwane elisha elizishintshile leCovid-19 elisanda kutholakala kuleli.
UDkt Mvuyisi Mzukwa usihlalo weSAMA, uthe okamamanje ososayensi basacubungula ukuthi igciwane iXBB.1.5, eqanjwe ngokuthi iKraken okuthiwa isabalalala ngokushesha yehluke ngani kwamanye amagciwane abekhona nokuthi liziphatha kanjani.
Uthe okwamanje kumele umphakathi uqaphele kodwa ungakhathazeki, ulinde ukuthi uzwe ukuthi imiphumela yokucutshungulwa kwaleli gciwane izothini.
"Esikwaziyo njengamanje ukuthi mancane amathuba okuthi abahaqwe yileli gciwane balaliswe ezibhedlela," kusho uMzukwa.
Ulwazi oluthathwe esikhungweni esilawula izifo kuleli iCenters for Disease Control and Prevention, luthi abantu abaneminyaka engu65 kuya phezulu abagomile baphinde bajova ngemigomo yokwengenza amandla emigomo abagome ngayo ama-booster shots akuvamile ukuthi bagule baze balaliswe ezibhedlela yize benamathuba amaningi okuthi balithole igciwane.
Ezinye zezindlela zokuzivikela kuleli gciwane ebezivele zisebenza phambilini okungukuqhelana, ukugqoka kwezifonyo, ukuvula umoya uma nisendlini zisengasetshenziswa.
USolwazi Tulio de Oliveira oyinhloko yesikhungo esicubungula ngokuzishintshashintsha kweCovid-19, KwaZulu-Natal Research Innovation and Sequencing Platform (Krisp), uthe akaboni ukuthi leli gciwane lingadala umonakalo kuleli.
Uthe okunye abantu okumele bakwazi ukuthi leli gciwane okukhulunywa ngalo liwumxhantela we-Omicron, ukubizwa kwalo ngeKraken kwenziwe ngabanye ososayensi bengagunyazwanga ukuthi balisebenzise leli gama ngoba alichazi lutho ngokwesayensi.
"Leli gciwane lihlanganise amagciwane amabili azishintshile e-Omicron okwenza ukuthi libe namandla okusabalala kakhulu.
“Akulona igciwane abantu okumele bakhathazeke ngalo, nakwamanye amazwe lapho like laba khona kuwo awukho umonakalo otheni elike lawenza," kusho uDe Oliveira.
Related Topics: