UNKK Samkelisiwe Biyela oyinkosikazi yemeya yaseNkandla uqale unyaka ngokwemukelisa abantu abampofu nasebekhulile igilosa ISITHOMBE: SITHUNYELWE
OMAMA baseNkandla abadonsa kanzima ngenxa yokungasebenzi bathi ukuphiwa igilosa kubakhiphe enkingeni yokuthi baboleke imali yomashonisa.
Laba besifazane abebeyingxenye yomphakathi ohlwempu kuwo obekukhona nabantu abadala baphiwe igilosa wuNkk Samkelisiwe Biyela, oyinkosikazi yemeya kaMasipala waseNkandla.
Bathe ukuthola igilosa kubasize kakhulu njengoba sebezokwazi ukuthenga umfaniswano wezingane wesikole nezinye izidingo zezingane ngemali yesibonelelo sikakhulumeni abayiholayo.
UNksz Lungile Mbatha waseSakhile, eNkandla (50) ophila ngesondlo sezingane ezimbili, uthe ukudla abekuthengile ngoKhisimusi bese kuphelile, engazi ukuthi kule nyanga uzokwenzenjani ngoba kumele athengele izingane umfaniswano nezinye izidingo zesikole.
"Angazi ukuthi uNkk Biyela waze kanjani ukuthi lesi sikhathi sinzima kakhulu kithina, ngoba kuyo le mali yezingane kusuke kudingeka ukuthi sithenge umfaniswano, izincwadi ezingatholakali esikoleni namakhava. Ukudla kuba yinto yokugcina esiyithengayo. Njengoba ukudla sekubiza kangaka nje angazi ukuthi bengizokwenza kanjani. UNkk Biyela uthunywe wuNkulunkulu. Ukudla asiphe khona kuzosilonda inyanga yonke. Ngijabule kakhulu," kusho yena.
UNksz Zama Mbokazi, oholela ingane eyodwa, enye isikhulile uthe: "Size sigcine siya komashonisa esisuke singazi nokuthi sizobakhokhela ngani. Isimanga esisenzelwe wuMaMkhwanazi, sisiphephisa ezikweletini. Kwakona ukudla asithengele kona kunamagama aziwayo okuchaza ukuthi abekwenza ubengagcini icala, bekusuka othandweni," kusho yena.
UNkk Biyela uthe lukhulu usizi olubhekene nomphakathi waseNkandla njengoba namathuba omsebenzi engekho kule ndawo.
"Kufanele sonke sibambe iqhaza ngazo zonke izindlela ukulekelela umphakathi waseNkandla. Siyawubona umsebenzi owenziwa wuMkhandlu waseNkandla wokuletha ingqalasizinda emphakathini wethu futhi siyazizwa nezinhlelo zokuthuthukisa idolobha lethu eNkandla sinethemba lokuthi ukuthuthuka kwalo kuza namathuba omsebenzi ikakhulukazi entsheni yaseNkandla. Nami ngithe angikhiphe ephaketheni ngelule isandla kulo mphakathi wakithi. Isifiso sami ukuthi ngilule isandla emphakathini wonke waseNkandla." kusho uNkk Biyela.
Related Topics: