Izindaba

Bekufinywa ngendololwane emcimbini weSikebhe

Charles Khuzwayo|Published

UMSUNGULI nomengameli weSikebhe, uMnuz Sibangani Manyathi, ekakwe yiNkosi yaseBathnjini,uSiphamandla Mthembu neyaseNquthu, uThathezakhe Ngobese Isithombe:CHARLES KHUZWAYO

BEKUSINDWE ngobethole emcimbini waminyaka yonke wamalungu eSkebhe, okuyinhlangano enqanda ukwebiwa kwezinkomo nokuhlukunyezwa komphakathi. Le ndumezulu yomcimbi, ebihanjelwe ngamakhulungamakhulu abantu ebebeliqhamukisa kuzo zonke izifunda zaKwaZulu-Natal nasemagatsheni aseNorth West naseMpumalanga, beyibanjelwe esigodini sakwaNgedla, endaweni yaseMfeni, eNquthu ngoLwesihlanu. Phakathi kwezicukuthwane ebezizimazise lo mkhosi kubalwa iNkosi yaseBathenjini eMsinga, uSiphamandla Mthembu neyendawo, uThathezakhe Ngobese. Umsunguli futhi ongumengameli weSikebhe eNingizimu Afrika jikelele, uMnuz Sibangani Manyathi, uthe lombuthano wenziwa minyaka yonke ngomhla ka-23 Disemba.

UMSUNGULI nomengameli weSikebhe, uMnuz Sibangani Manyathi, uzishaya isifuba ngokuncipha kobugebengu ngenxa yokungenelela kwenhlangano yakhe Isithombe:CHARLES KHUZWAYO

"Ekuqaleni sasiwenza ngomhla ka-26 Disemba kodwa sabona ukuthi akuhambi kahle ngoba abantu basuke bedakiwe kanti thina asihambisani nophuzo oludakayo." UManyathi uthe baqeda iminyaka ewu-22 kwasungulwa lenhlangano futhi umphumela wokuba khona kwayo uyabonakala ngoba ubugebengu sebunciphile ezindaweni onayo. "Nesasasa emiphakathini likhulu kangangoba sinamagatsha angaphezu kuka-170 manje KwaZulu-Natal nakwezinye izifundazwe. Asikhankasi thina kodwa ngabantu abasithintayo befuna ukuba ngamalungu eSikebhe."

UMSUNGULI nomengameli weSikebhe, uMnuz Sibangani Manyathi nomkhulumeli wale nhlangano, uMnuz Zakhele Mncube, ngesikhathi behambele umcimbi wokuphothula unyaka eNquthu Isithombe:CHARLES KHUZWAYO

Uthe inhlosongqangi kusuke kuwukuhlukanisa unyaka, ukubheka izikhalo nokuhlula kahle ubuholi namagatsha. INkosi uMthembu neNkosi uNgobese bawuncome kakhulu umsebenzi weSikebhe emiphakathini okuso ngenxa yokuncipha kobugebengu. Izithameli zibuye zazitika ngomculo kaShwi Mantombazane futhi zafinya ngendololwane njengoba ukudla bekungangeziduli zabasali.