Izindaba

Bekusindwe ngobethole esizweni saseNadi

Charles Khuzwayo|Published

BEKUSINDWE ngobethole ngesikhathi iNkosi yesizwe saseNadi, eMgungundlovu, uVusizwe Zondi, ihlanganise intsha ngenhloso yokuvuselela amasiko endaweni Isithombe:SITHUNYELWE

UKUKHULELWA kwabantu besifazane besebasha nesokubhuqabhuqwa kwentsha yizidakamizwa kwenze iNkosi yendawo yaseNadi, eMgungundlovu yasungula umkhosi wokunqanda lesi sihlava. INkosi uVusizwe Zondi ubehlanganise abantu abasha kule ndawo muva nje ngenhloso yokubaqwashisa ngemikhuba engasile nokubakhuthaza ukuba bakhonze amasiko esiZulu.

INKOSI yesizwe saseNadi, eMgungundlovu, uVusizwe Zondi (yezibuko) imi eduze kobeyiMeya yaseMsunduzi, uMnuz Themba Njilo Isithombe:SITHUNYELWE

"Ngenze umcimbi wamaciko esizwe ngenhloso yokuqeda uvanzi kubantu abasha njengoba kwiyisikhathi samaholidi. Sibaxwayisa ngophuzo oludakayo nokukhulelwa.NjengeNkosi yesizwe saseNadi ngfisa ukuvuselela amasiko kanye namaciko esizweni.Sithi azibuye emasisweni njengoba ngizoqala ngisebenzisane nentsha yendawo ekufukuleni isizwe njengoba kuyiyo eyikusasa lesizwe saseNadi." INkosi ithe izibophezele ukuvuselela yonke imigubho ebiyenzeka endulo, okubalwa kuyo umkhosi kanomkhubulwane,imitelebhelo yamahhashi nemiqhudelwano yendlamu.

INKOSI yesizwe saseNadi, uVusizwe Zondi, ikakwe wuNdlunkulu,uMaMthuli Zondi nelungu lasebukhosini Isithombe:SITHUNYELWE

Lo mcimbi bewuhanjelwe ngabaholi abahlukahlukene, okukhona kubo nowayeyiMeya kaMasipala waseMsunduzi, uMnuz Themba Njilo neNdlovukazi yeNkosi esiyakhothama, uMaMthuli Zondi.