Kuqubuke izinsolo zokuthengwa kwezithunywa engqungqutheleni ye-ANC isithombe: Sithunyelwe
SEKUQUBUKE izinsolo zokuthengwa kwamavoti engqungqutheleni eqhubekayo ye-ANC eNasrec eGoli, okwenze le nhlangano yayalela amaphoyisa nezinhlaka zokuphepha ukuthi ziqaphe ngelokhozi izinto ezenzekayo.
Izinhlaka okubalwa nabasiza kule ngqungquthela, kulindeleke ukuthi zibike uma kutholakala ubuqiniso ukuzele nhlangano iphenye.
Lokhu kuvezwe ngokhulumela le nhlangano uMnuz Pule Mabe, izolo onxuse amalungu aseke athenjiswa imali noma ‘athengwa’ ukuthi abike enhlanganweni.
Ephendula umbuzo wezintatheli ezibuze ngezinsolo zokuthi zombili izinhlangothi ezisembagweni wokuhola le nhlangano okuwuhlangothi lukaMnuz Cyril Ramaphosa ofuna noDkt Zweli Mkhize ziyathinteka, uMabe uthe kabanabo ubufakazi obenele ukuze baphenye.
Uthe kodwa uma kungase kuze abanolwazi babike, bazokwazi ukuphenya ngobalezi zinsolo zibeka engcupheni isithunzi senhlangano.
“Lezi zinsolo zenza kube nechashaza elingelihle emuntwini oqokwe engqungqutheleni. Sinxusa amalungu ukuthi eze kuthina angagcini nje kwabezindaba uma kukhona izinsolo ezifana nalezi,” kusho uMabe.
Uthe amaphoyisa nabaqaphe isimo bazisiwe ukuthi baqaphe ngelokhozi okwenzekayo.
“Sinxuse lezi zinhlaka ukuthi zibheke noma yini esolisayo bese ziyabika. Sizobe sesazisa ikomiti elihlela ingqungquthela ngoba sifuna ukuqeda ngalo mkhuba,” kusho uMabe.
Indaba yokuthengw angemali ezingqugqutheleni akuyona into entsha njengoba kuyinto ehlale ikhulunywa ukuthi iyenzeka ukuze amalungu avotele abaholi abathile.
Lawa malungu athengwa ngemali kokunye ngokulaliswa ezindaweni ezibizayo, anikwe utshwala nemali ukuze avotele umholi owakhokhele.
Related Topics: