UNGQONGQOSHE woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala Isithombe: SIGCINIWE
UMNYANGO wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uxwayisa amalungu omphakathi ngezikhohlakali eziwaka abantu ngokuqamba amanga ngohlelo lokufaka isicelo samathenda.
Ngokwesitatimende esikhishwe yilo mnyango, kunolwazwi olukhona oluveza ukuthi amaqola athumela abantu abanganake lutho ama-email athi laba bantu banamandla okukhipha amathenda ngemali ethile. Kuvela ukuthi abathumela ama-email ulwazi oluvele lukhona ngamathenda asuke ekhishwe wumnyango. “Siqwashisa amalungu omphakathi ukuthi angagaxeli kulolu gibe lwamaqola acuthele abantu ukuze abagebenge,” kusho isitatimende.
Umnyango uveze ukuthi unohlelo nemigomo emile ecaciswe emthethweni iPublic Finance Management Act, uma kuziwa ehlelweni lokufaka izicelo zokukhipha umsebenzi, noma wokulethelwa izimpahla. Uthi konke okusuke kudingwa wumnyango kuyakhangiswa emphakathini.
Related Topics: