KUBA mnandi uma kuhlangene imindeni, izihlobo nabangani, kudliwa izibiliboco kugeleza neziphuzo. Sikuphathele imicimbi ehlukahlukene exoxwa ngezithombe. Uma ufisa izithombe zomcimbi wakho zivele kuleli khasi, zithumele nge-email ethi: [email protected]
IZINTSHUMAYELO nezinkulumo ebezethulwa zibashiye bevuselelekile omama bomhlangano kaSt Anna beDeanery yasePMB/Vulindlela. Kade bethamele ingqungquthela yalo mhlangano ebise St Peter's Parish eMontebello eqale ngoLwesine 8 Desemba yaze yaphothulwa ngeSonto mhla ka-11 2022. Abangaphambili ngabaholi beDeanery umama uPhethile Nzimande, umama uPhilisiwe Ngubo nomama uZama Dubazane
BEKUKUHLE kudelile ngoDisemba 10 ziwushaya ku Nksz Khowe Nqayi noMnuz Phetha eHopewell KwaNqayi
BAKLONYELISWE ngezitifiketi enomcimbini wokuvala unyaka abasebenzi benkampani iSbu Fruit and Veggie. Abanye balaba basebezi sebesebenze iminyaka engaphezu kwemihlanu
KUBE wusuku olukhulu e-UCCSA egatsheni elikuBeatrice Street lapho bekuvaleliswa khona uMfundisi BK Dludla (96) obeseneminyaka ewu-70 kulesi sikhundla
INJABULO ibhalwe ebusweni kuNksz Buyisile Msweli waKwaMhlabuyalinga obembeswa wumyeni wakhe, uMnuz Anamul Houqe Sumon nendodana yabo uKhetho Msweli
BEBEVUNULE beconsa kumula uNkk Thuli Gasa Manci waKwaMachi eHarding, uthathwe nomyeni wakhe uMnuz Skhumbuzo Manci namadodana abo, uLindani, Bandile no-Anothile
BEWUMUHLE kanje umndeni wakwaMthembu e-Adams Mission ugubha usuku lokuzalwa lukaHlelokuhle Mthembu obeqeda unyaka wesibili edla anhlamvana
BEKUKUHLE kudelile othisha basesikoleni eBangubukhosi eMbumbulu bevala unyaka bezitika ngezibiliboco bephana nezipho
BELIPHAKEME izinga ngesikhathi uMnuz Sboniso Buthelezi embesa ingoduso yakhe uNksz Nolwazi Shozi eMaphephetheni ngaseNanda
UKHIPHE unyawo ngezipho uNksz Kholiwe Mkhwanazi wasendaweni yasoGengele eMtubatuba ubehambise ingqibamasondo kwaNtuli esigodini saseNkolokotho khona eMtubatuba
BEKUKUHLE kunje izingane zinkaHlengiwe Mkhize zimenzele umcimbi zimbonga ehlanganisa iminyaka uwu- 60
INJABULO ibigcwele ebusweni kubasebenzi base-TBSA eManzimtoti emcimbini wokuvala unyaka sebezoya emaholidini, obuseDakota Beach Isipingo
BEKUHLANGENE umndeni nezihlobo emshadweni kaNkk Slindile noMnuz Mu Myeza, abaphahliwe, eMatendeni, eNanda
INJABULO ibibhalwe ebusweni kuMnuz Mthabisi Tembe noNkk Londiwe Tembe emgcagcweni wabo, eMzinyathi ngaseNanda
U-DKT Pinky Dlamini ekakwe nguMfu Mzwandile Dumakude noNkk Zibuyile Dumakude ngesikhathi kuthweswa iminyezane abafundi base-Authority Bible College, eTropicana Hotel, eThekwini Izithombe: Zithunyelwe