Izindaba

‘ Amalungu e-ANC aphoqiwe ukuvotela ukuchithwa kombiko’

Sabelo Nsele|Published

UDKT Nkosazana Dlamini oyilungu lesigungu esiphezulu se-ANC Isithombe: SIGCINIWE

ILUNGU lesigungu esiphezulu se-ANC, uDkt Nkosazana Dlamini Zuma, lithi lizimisele ukuzilwela uma i-ANC ingathatha isinqumo sokulishushisa.

U-Dkt Dlamini Zuma namanye amalungu e-ANC azibeke engcupheni yokubhekana nesigcawu sokuqondiswa ubugwegwe ngemva kokuthi bejikele inhlangano yabo ngesikhathi iPhalamende livotela umbiko wethimba ebeliphenya ngokugqekezwa kwepulazi likaMengameli Cyril Ramaphosa.

Yize i-ANC ibiwadonse ngendlebe amalungu ayo ukuthi avotele ukuthi uchithwe umbiko owathola ukuthi kungenzeka ukuthi uRamaphos kunemithetho ayiphulayo, ngendlela asingatha ngayo udaba lokugqekezwa kwepulazi lakhe, uDkt Dlamini Zuma namanye amalungu e-ANC bakhethe ukuvotela ukuthi umbiko uphasiswe.

Kodwa ugcine uchithiwe umbiko njengoba iningi livotele ukuthi uchithwe.

Ukuba uphasisiwe yiPhalamende belizoqala uphenyo obelungaholela ekutheni uRamaphosa akhishwe esikhundleni.

USihlalo kazwelonke kwi-ANC, uMnuz Gwede Mantashe, uvele usekuvezile ukuthi bazobikela ubuholi be-ANC ukuthi kunamalungu ayo ashaye indiva umyalelo wenhlangano ngesikhathi kuvotwa ePhalamende ngoLwesibili.

UMantashe uthe i-ANC yiyona ezothatha isinqumo ukuthi yenza njani ngala malungu.

Ngakolunye uhlangothi uDkt Dlamini Zuma uthe uzozilwela uma i-ANC inganquma ukuthi imthathele izinyathelo.

Ukusho lokhu ngesikhathi enengxoxo nesiteshi sikamabonakude.

Uthe akuqali ngaye ukuthi kube khona amalungu e-ANC ashaya indiva umyalelo wenhlangano uma kuvotwa ePhalamende.

Ngokwedlule kuke kwaba khona izikhathi lapho amalungu e-ANC anganelisekile evotela isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bowayengumengameli ngaleso sikhathi, uMnuz Jacob Zuma.

“Akekho umuntu owathathelwa izinyathelo ngaleso sikhathi. Kufanele wonke amalungu e-ANC aphathwe ngendlela efanayo.

Yingakho ngithi ngizimisele ukuzilwela uma ngithathelwa izinyathelo.”

U-Dkt Dlamini Zuma uthe okumenze angawulandeli umyalelo we-ANC wukuthi abazange banikezwe ithuba elanele ukuthi baluxoxe ngaphakathi enhlanganweni loludaba ngaphambi kokuthi kufinyelelwe esinqumweni sokuthi kufanele amalungu enhlangano avote kanjani ePhalamende.

Uthe umhlangano wesigungu esiphezulu kwi-ANC uguqiswe kunamalungu abengakanikezwa ithuba lokukhuluma.

“Kungokokuqala kwi-ANC ukuthi kuvalwe umhlangano, ekubeni kunamalungu angakanikezwa ithuba lokukhuluma. Sihlezi siphikisana emhlanganweni ye-ANC, kuze kushaye ihora lesine ekuseni. Lo mhlangano wona waguqiswa ngehora lesithupha ntambama. Yini le eyayijahiwe?”

U-Dkt Dlamini Zuma uthe uRamaphosa kufanele aphumele obala achaze ngesigameko sokugqekezwa kwepulazi lakhe.

Khonamanjalo Ilungu lesigungu esiphezulu kwi-ANC, uNksz Lindiwe Sisulu, liveze ukuthi amalungu ale nhlangano asatshiswe ngokuxoshwa uma evotela ukuthi iPhalamende liqale uphenyo ngokugqekezwa kwepulazi likaMengameli, uMnuz Cyril Ramaphosa.

UNksz Sisulu ungomunye wamalungu e-ANC abengekho ngesikhathi iPhalamende livotela umbiko owathola ukuthi kungenzeka ukuthi uRamaphosa kukhona imithetho ayephula ngendlela asingatha ngayo udaba lokugqekezwa kwepulazi lakhe.

Amalungu e-ANC abeyalelwe ukuthi avotele ukuthi uchithwe lo mbiko wethimba ebeliholwa iJaji uSandile Ngcobo. Kepha kukhona amalungu e-ANC awushaye indiva lo myalelo, avumelana namaqembu aphikisayo ukuthi kuqalwe uphenyo obelungaholela ekutheni uRamaphosa ehliswe esikhundleni.

UNksz Sisulu uthe ukuba ulitholile ithuba lokuvota, naye ubezowushaya indiva umyalelo we-ANC. Ukusho lokhu ngesikhathi enengxoxo nePress Club South Africa.

UNksz Sisulu uveze ukuthi bebesatshiiswe ngokuthi bazoxoshwa kwi-ANC uma bevotela ukuthi kuqalwe uphenyo ngoRamaphosa, kodwa wathi lokho bekungeke kumvimbe ukuthi avotele ukuthi kuqalwe uphenyo.

Uchaze ngesizathu esenze ukuthi angabi bikho ngesikhathi kuvotwa.

“Ngesikhathi kuqala ukuhlala kwePhalamende, ngithole umyalezo obuthi mina noDkt Zweli Mkhize sicushiwe. Lo myalezo uthe sizoxoshwa uma sike savotela ukuthi uRamaphosa aphenywe. Umyalezo uphakamise ukuthi singavoti. Ngibe sengiphuma ngiyozama ukuthola kabanzi ngawo. Ngithe sengithi ngiyabuya, ngafica iminyango isivaliwe.”

UNksz Sisulu ugxeke ukusatshiswa ngokuxoshwa kwamalungu e-ANC uma evotela umbiko.

“Kuyashaqisa ukuthi sitshelwe emehlweni ukuthi sizoxoshwa uma sivotela ukuthi kuphasiswe umbiko. Laba bantu kufanale bazi ukuthi i-ANC akusiyona eyabo.”

UNksz Sisulu uthe ukuqhubeka kukaRamaphosa nokuqhoqhobala isikhundla kulimaza isithunzi se-ANC, wathi imvunge emayelana nokugqekezwa kwepulazi likaRamaphosa izolimaza i-ANC okhethweni lwango-2024.

UNksz Sisulu uthe uRamaphosa kwakufanele engabe wasula esikhundleni ngesikhathi kubhoboka ithumba ngalolu daba futhi unenkolelo yokuthi uRamaphosa wayefuna ukwesula kodwa kwakhona abamncengayo ukuthi angesuli.

“Laba bantu abathi akangasuli ngabantu abazicabangela bona. Bamncenga ukuthi angehli esikhundleni ngoba nakhu becabangela izisu zabo. Babekhathazekile ukuthi bazophila kanjani ngaphandle kwakhe. Nabantu basifake enkingeni.

“Njengamanje, sibhekene nenkinga enkulu njenge-ANC. I-ANC izithola ingena ekukhulumeni okungayidingi. Le nto izolimaza i-ANC ikakhulukazi njengoba sibheke okhethweni eminyakeni emibili ezayo.”