BANCOME isenzo sikaNkosazana Dlamini-Zuma ejikela i-ANC ePhalamende Isithombe: David Ritchie/ANA
AHLULEKILE ukuzibamba amalungu amaqembu aphikisayo ePhalamende, ejabulela isenzo sikaDkt Nkosazana Dlamini-Zuma ngesikhathi kunevoti lokwamukela umbiko wekomidi, elaziwa ngesiGaba 89, ebeliphenya udaba lokwebiwa kwemali engamaDola epulazini likamengameli, iPhala Phala.
Amalungu ePhalamende abehlangene namhlanje kulandela ukukhishwa kwalo mbiko ekupheleni kukaNovemba.
Amalungu angu-214 awuchithile lo mbiko, kwathi angu-148 awuseka kanti mabili amalungu angavotanga.
UDlamini-Zuma, onguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu kuzwelonke, ukwenze lokhu nakuba amalungu e-ANC ebeyalelwe ukuthi avote ngokulandela umyalelo wenhlangano wokuchitha lo mbiko.
UDlamini-Zuma akuyena yedwa ovumelane nokwamukelwa kwaleli voti kodwa mahlanu amalungu e-ANC ashaye phansi ngonyawo ephikisana nomyalelo wenhlangano wokuwuchitha lo mbiko. Abanye babo ngoMnuz Mosebenzi Zwane nalowo owayengundunankulu waseNorth West, uSupra Mahumapelo.
UDkt Zweli Mkhize, okhankasela isikhundla sokuba wumengameli we-ANC, noLindiwe Sisulu bebengekho ePhalamende namuhla.
Abafundi beSolezwe baphawule kanje ezinkundleni zokuxhumana:
Sihlahla Setshungu Biyela: Ube neqiniso umama wesizwe, unamandla entanyeni njengebhubesi ✊✊
@SCELOSAKHE: UNkosazana Dlamini-Zuma ukhombise obukhulu ubuqhawe, wangazicabangela yena kodwa wabeka iNingizimu Afrika phambili. Ukhethe ukufela iqiniso kunokujabulisa umuntu oyedwa, onguRamaphosa, ophethe iqembu elibusayo nezwe ngobundlovukayiphikiswa.
Lungy Zikode: Amandla Nkosazana, uyiqhawe Mbokodo💪💪👊👊
@ngema3: Wonke umuntu ubhekelela isisu sakhe ngoba bakwenzile ngaphambili, uma sekungabanye kuthiwa babethuleleni.
Related Topics: