Izindaba

Kukhuzwa abavikela abayeni abadlwengula amadodakazi

Charles Khuzwayo|Published

KUBE nomunyu kukhunjulwa futhi kuqwashiswa ngegciwane lesandulela-ngculazi ehhololomphakathi waseQunwana,kwaHlabisa kuleli sonto isithombe:SITHUNYELWE

UKWANDA kwezigameko zokudlwengulwa kwamadodakazi ngoyise bese onina bawo bewavala umlomo ngezinye zezihloko ebezidingidwa embuthanweni obusehholo lomphakathi waseQunwana, kwaHlabisa kuleli sonto. Kuthiwe omama bafikela amasoka abo ngoba bencenge ukondliwa.

Lokhu kuvele ngezikhulumi ngesikhathi kukhunjulwa futhi kuqwashiswa ngegciwane lesandulela-ngculazi endaweni yaseWard 14 ngaphansi kukaMasipala iHlabisa Big 5.

Izisebenzi zezempilo, ebezikhuluma zidedelana, zikhale ngokuthi abazali azisabathembi nhlobo uma kufanele bavikele izingane zabo ekudlwengulweni.

Usonhlalakahle, uNkk Hlengiwe Qwabe, uthe uma ingane ifika izobika ukuthi idlwenguliwe ababe besayithinta nhlobo kodwa balinda udokotela ayixilonge.

"Inkinga iqala lapha uma ingane sesiyidedela ukuba iyekhaya ngoba uthola ukuthi umuntu othintekayo ekuyidlwenguleni uyise oyizalayo. Lapho igcina ingasakutholi ukwesekwa ngumama wayo ngoba usuke esecheme noyise wayo.

Umuzwa umama ethi ngeke ngimbophe ubaba kaBuzetsheni ngoba uyasondla, uyena ofaka isaka lapha ekhaya.Yikho-ke sekunzima ukubethemba omama. Kunalokho ingane siyidlulisa kudokotela bese iyiswa emaphoyiseni ukuze kuvulwe icala maqede kuboshwe umsolwa ," kuchaza uNkk Qwabe.

UMnu uRay Khumalo, oyisishoshovu sabaphila negciwane lengculazi, yena ukhale kakhulu ngabantu abasenomkhuba wokuyeka imishanguzo. Uthe bagcina benza sibasikhulu isibalo sabantu abahlaselwa izifo ezingosomathuba.

Okunye okukhalwa ngakho ukuthi kusabhebhethekisa igciwane le ngculazi, yizidakamizwa ezidlangile entsheni.

UMNUZ Comfort Khumalo ukhale ngabazitika ngocansi olungaphephile ngesikhathi kuqwashiswa ngengculazi kwaHlabisa Isithombe:SITHUNYELWE

IMeya yakulo masipala, uMnuz Comfort Khumalo, ithe baningi abaphaphama ngakusasa sebezifake ocansini olungaphephile.

"Izidakamizwa notshwala kusayinselelo ngoba abantu abaningi baphaphama sebenze amaphutha abazisola ngawo impilo yonke. Inkinga abanye bagcina benza ucansi olungaphephile ngenxa yokudungeka komqondo," kukhalaza uKhumalo.

Usuku lokukhanyisa amakhandlela nokukhumbula bonke abahaqwe igciwane luqalwe mhla lulunye kuZibandlela nosekuneminyaka lwenziwa ngemuva kokuba kwaqothwa ngamatshe owayeyisishoshovu saseThekwini, uGugu Dlamini emuva kokuphumela obala ukuthi usephila naleli gciwane.