Izindaba

Ukhishwe ngoshwele uJanusz Walus

Zimbili Vilakazi|Published

UDEDELWE ngoshwele ngaphansi kwemibandela owabulala isishoshovu seSACP uMnuz Chris Hani Isithombe: SIGCINIWE

OWABULALA uMnuz Chris Hani isishoshovu seSACP, uJanusz Walus udedelwe izolo ngoshwele ngaphansi kwemibandela eqinile.

Lokhu kudalulwe izolo wuMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba.

Ngokwesitatimende, ushwele kaWalus ugunyazwe nguNgqongqoshe uMnuz Ronald Lamola, ngemva kwesinqumo esakhishwa oyiNhloko yamaJaji, uMnuz Raymond Zondo ngenyanga eyedlule.

“UWalus ukhishwe esibhedlela namuhla (izolo) lapho ebelashwa khona ngemva kwesehlakalo sokugwazwa kwakhe,” kusho isitatimende.

Phakathi kwemibandela abekelwe yona, uWalus kuthiwa uzochitha iminyaka emibili enza umsebenzi womphakathi.

Isitstimende siqhube sathi akungatshazwa ukuthi ukukhishwa kukaWalus ngoshwele kuvuse amanxeba amadala emndenini kaHani, nasezakhamuzini zaseNingizimu Afrika.

“Isenzo sikaWalus sasihlose ukuphazamisa uhlelo lokuthi izwe laseNingizimu Afrika, lingene kuhulumeni wentando yeningi,” kusho isitatimende.

Sithe phambilini, isenzo sokungamkhiphi uWalus ngoshwele sasingazami ukuphindiselela umndeni kaHani kodwa ukulwela ukuthi kutholakale ubulungiswa. Sibuye sacacisa ukuthi uhlelo lokukhishwa ngoshwele aluchazi ukuthi umuntu akumfanele ukujeza.

“Futhi akusho ukuthi umnyango udicilela phansi umsebenzi wokujezisa okusuke wenziwe inkantolo kodwa ushwele wuhlelo olubalulekile uma kwenziwa umsebenzi wokuhlumelelisa izimilo zeziboshwa futhi zonke iziboshwa zinalo ilungelo lokuhlomula kulolu hlelo,” kusho isitatimende.

Isikhalo esivela ikakhulu emndenini wakwaHani, nabangamalungu eSACP, ngesokuthi uWalus makakhulume iqiniso asho ukuthi wathunywa ngubani ukuthi abulale uHani.