AMALUNGU ebandla iGalile Labezizwe bemi edamini laseNanda lapho okuminze khona umfundisi, uMnuz Khumbulani Sibisi Isithombe: BONGANI MBATHA
UKUNGAHLONISHWA kwemithetho nokuthanda imali ikhona okuholela ekutheni kube nezigameko zokuminza kwamakholwa uma eyokhuleka emfuleni.
UNkk Nomagugu Ngobese wenhlangano egqugquzela ukuziphatha iNomkhubulwane Cultural Group, olandela inkolo yesintu, uthe imifula nezimpophoma abantu abagezwa kuzo noma abakhuleka kuzo ukuze kuqaqeke izinkinga zabo zinemithetho okumele ilandelwe, abangasayilandeli ngoba bejahe imali, okuholela ekutheni kube nezigameko zokuminza.
"Uma uzoya emfuleni noma empophomeni awuvele uye nje kumele ulandele imithetho ngoba imifula inabantu abayiphethe okumele kucelwe kubo kube ibona abavumayo ukuthi ningangena. Njengoba kusehlobo nje akuyiwa emfuleni, ngoba kunobungozi. Yingakho phambilini namathwasa ayekhishwa ebusika hhayi ehlobo. Imvelo iyahlonishwa, abantu abazibiza ngabathandazi kanye nogobela abasakwenzi lokho ngoba basuke sebebalile ukuthi bazothola malini kubantu ababayise emfuleni. Ayijahwa indaba yasemfuleni ngoba vele izinkinga zomuntu azisheshi ukuqaqeka, kumele ulinde, ukhuleke kuze kuvumeleke.
UMphrofethi Magejageja Luthuli, webandla leZiyoni uMbuso wabaKhethiwe, uthe iZiyoni uma ziya emanzini zisuke ziyolanda amandla noma ziyogeza kodwa lokho akwenziwa yinoma ngubani kwenziwa ngumuntu onesiphiwo okwaziyo ukuzwa ngomoya ukuthi umuntu omhambisa emfuleni nomnikazi womfula uyakuvuma yini.
"Inkinga ekhona ukuthi ukukhulekela abantu kuhambisana nemali, ngakho abantu sebehlale bejahile. Umuntu ujahe ukuthi angalahlekelwa imali. Asisekho isikhathi sokuthi azile ukudla akhuleke, aqale ahambe yedwa ayokhulekela umuntu ngamunye afuna ukumgeza bese elinda impendulo, umane ahambe nabantu bonke ayobafaka emanzini. Umnikazi wamanzi (inyoka) kumele ukhuleke uze umbone ephuma esizibeni noma emanzini ehamba evuma ukuthi ningasisebenzisa. Nakhona akusho ukuthi sekumele ubafake bonke abantu abafisa ukungena emanzini faka labo imimoya evumayo ukuthi bafakwe ngoba uma ungakwenzanga lokho ningaminza nonke ngoba phakathi kwenu kunomuntu obekungafanele angene," kusho uLuthuli.
UMnuz Thulani Gwala ongumphathi webandla leZiyoni iWisdom from Christ, uthe kulezi zinsuku izingane ezincane zinomoya wobungoma, abathandazi nabefundisi bayehluleka ukubona lokho bacabange ukuthi isithunywa.
"Akekho umuntu ongaminza ekubeni idlozi noma isithunywa sakhe sithe akaye emanzini. Abantu bahlulwa ukulinda bakhuleke bazile. Uma uya emfuleni ningakhuleka ubusuku bonke, uma umoya ungavumi nize nigoduke ekuseni ningangenanga, nibuye ngelinye ilanga nizokhuleka futhi kodwa ngoba manje sekugijinyiswa imali akusenzeki lokho. Kwawona umfula ozoya kuwo uyawukhonjiswa awuyi emfuleni ngoba uwuthanda wena ubona ukuthi kuzokunika udumo ukuthi abantu ubageza khona," kusho yena.
USolwazi David Mosoma weKhomishini evikela amalungelo eNkolo, amaSiko noLimi,, uthe umphakathi unelungelo lokulandela isiko nenkolo oyithandayo kodwa kumele kubhekwe ukuthi lawo malungelo awayibeki engcupheni impilo.
UMnuz Mbuyiseni Maphumulo, weSt Johns, edume ngokuthi iseChibini, eMalukazi, uthe leli bandla lakhetha ukuthi lingayisebenzisi imifula nolwandle uma libhabhadisa amalungu alo, lisebenzisa i-swimming pool eyakhiwe egcekeni lasesontweni.
“I-swimming pool iba namanzi agcina enkabeni ukuze bonke abantu bakwazi ukungena kuyo. Uma lina amanzi agcina esemaningi siyawavula ukuze kuphephe ngoba abanye abantu bayawesaba amanzi,” kusho uMaphumulo.
Related Topics: