Izindaba

Uyanyuka uphethroli kusasa

Zimbili Vilakazi|Published

Intengo kaphethroli kulindeleke ukuthi yenyuke kusasa bese kuthi eka-diesel iyehla Isithombe: Thobile Mathonsi/African News Agency/ANA

KULINDELEKE ukuthi iphinde yenyuke futhi intengo kaphethroli ngoLwesithathu.

Ngokolwazi olufakwe kwi-website yeCentral Energy Fund, kukhombisa ukuthi uphethroli, i-93 ne-95 Octane izonyuka ngo-30 cents nango-41 cents ilitha.

Lokhu kulandela ukunyuka kwawo ngo-51 cents ilitha ngenyanga edlule.

Yize kunjalo, udizili wona kulindeleke ukuthi wehle ngoR1.48 ilitha.

Isazi somnotho, uNksz Koketso Mano, sithe into edala ukuthi intengo kaphethroli ilokhu inyuke njalo, wukubiza kukawoyela ongahluziwe.

Yize kunjalo, uthe kulindeleke ukuthi intengo kaphethroli ithi ukubangcono ngonyaka ozayo.

“Ukubiza kukawoyela yikho kanye okuyimbangela yokunyuka kukaphethroli,” kusho yena.

Uthe ukuntengantenga kweRandi nakho kunomthelela ekwenyukeni kwezinto ezahlukene.

“Uma kuqala unyaka ozayo silindele ukuthi kuthi ukuma ukunyuka kukaphethroli kodwa asikuboni kwehlakufinyelela ezingeni okwakukulo ngaphambi kobhubhane,” kusho uNksz Mano.

Abe-Automobile Association (AA) bona bathe ukwehla kukadizili kunika ithemba.

“Udizili yiwo osetshenziswa kakhulu ezinhlakeni ezahlukene zomnotho ngakho ukwehla kwawo kuzoba nomthelela omuhle kubantu abawusebenzisayo.” kusho istatimende se-AA.