INGXENYE yabaphila naleli gciwane bephethe izingqwembe ezichaza ngabakubona kungasiza ukuze kuliwe ne-HIV Isithombe: SITHUNYELWE
‘UKUNGABAMBISANI kahle phakathi kukahulumeni nezinhlaka ezisebenza nge-HIV KwaZulu-Natal, kungaholela ekutheni lingapheli leli gciwane ngo-2030, njengoba kwakuhlelwe kanjalo.’
Lokhu kushiwo uNksz Phume Ngcobo wenhlangano elwela abaphila naleli gciwane, iPeople Living with HIV and Aids, ngesikhathi kuwusuku lokubungaza abaphila nalo, obeluhlelwe ngokubambisana phakathi kukaMasipala weTheku neHhovisi likaNdunakulu waKwaZulu-Natal, eNanda, izolo.
UNksz Ngcobo uthe iminyango kahulumeni okubalwa kuwo uMnyango wezeMpilo, owezeMfundo, owezokuThuthukiswa koMphakathi neHhovisi likaNdunankulu eKZN, kayibafaki abaphila naleli gciwane uma yenza imicimbi.
"Emcimbini wesifundazwe obuseMajuba, asizange sifakwe ohlelweni. KobuseThekwini, indawo obekumele ube kuyo ishintshwe kaningi, okuholele ekutheni abantu badideke. Kuwonile lo mcimbi, asikaze sibuzwe ukuthi thina njengabantu abaphila ne-HIV siyakubona yini ukubaluleka kwawo?
“Ngo-2020, savumelana ukuthi imicimbi imosha imali kanti leyo mali ibingasetshenziselwa izinhlelo zokulwa ne-HIV, kusizakale abantu abaningi, kunomcimbi," kusho yena.
Uqhube wathi njengamanje, kuvalwe umtholampilo iThembalethu oseMlaza, obubhekelele abantu abane-HIV abalinganiselwa ku-15 000, kwathiwa abaye emitholampilo ejwayelekile.
"Kuleyo mithomlampilo, abaphila neleli gciwane abaphathwa kahle, abanye babo bazogcina beyekile ukulanda imishanguzo yabo okuzosibuyisela emuva. UMnyango wezeMpilo awusho lutho ngalokho. Ngakolunye uhlangothi, umnyango uqede uhlelo lwabeluleka ngokomphefumulo, ama-lay counsellors, okungabantu ebesikwazi ukuthi sikhulume nabo sithulule konke okungaphakathi kithi.
“Amakilabhu okwakuthiwa awokusiza ukuthi abantu bangayeki ukudla imishanguzo yabo, ama-adherence, aphenduka aba yizikhungo zokulanda imishanguzo. Kanti yini ikilabhu? Lokhu kwenziwa ukuthi thina asilutho, siyizinombolo," kuzikhalela uNksz Ngcobo.
Uthe ezikoleni kunezingane ezikhulelwayo kodwa imithetho kahulumeni ayivumi ukuthi izingane zinikezwe amakhondomu.
"Ukukhulelwa kwabafundi kusho ukuthi bayalwenza ucansi kodwa amakhondomu awavumelekile. Uma siqhubeka kanje ngeke siyiqede ingculazi ngo-2030," usho kanje.
UDkt Siyabonga Nzimande omele izinhlangano zomphakathi ezilwa naleli gciwane, uthe umongo walo nyaka uthi akubanjiswane, ngakho kubalulekile ukuthi uhulumeni ahambisane nezinhlangano ezisebenza ngaleli gciwane ezisemazingeni aphansi.
"Engikuphawulayo ukuthi abantu bokufika ababandakanywa emicimbini enjengale. Sibambisene kanjani ekubeni kunabantu esihlala nabo kodwa abasala ngaphandle kwezinye izinhlelo esinazo?“ kusho yena.
UNkk Zama Sokhabase obemele undunankulu wakulesi sifundazwe, uthe ukuzwile okushiwo yizinhlangano ezilwa ne-HIV, uzokudlulisela eHhovisi likaNdunakulu, wathi kubalulekile ukuthi kube nokubambisana kwabo bonke abasebenza umsebenzi wokulwa naleli gciwane.
Related Topics: