Izindaba

I-EFF ikhalisana nemindeni yabaminze emfuleni iJukskei

Nonkululeko Nhlapo|Published

KUTHUNGATHWA abaminze emfuleni iJukskei Isithombe: Arrive Alive/Twitter

KUQINISEKIWE ukuthi angu-15 amalungu ebandla, iJohanne Masowe Baptist Church, aminze emfuleni iJukskei, eGoli.

Kuthiwa angu-33 amalungu aleli bandla abeqhuba inkonzo yasemanzini ngesikhathi kuqala isichotho esidale izikhukhula ngoMgqibelo.

Ngokusho kukaRobert Mulaudzi okhulumela abezimo eziphuthumayo kuMasipala waseGoli, ngoMgqibelo, kwatholakala izidumbu ezimbili kwathi, ngeSonto, baqede ukusebenza bethole ezinye izidumbu ezingu-12.

Uthe ngokolwazi abalutholile, uyedwa umuntu abasamthungatha, ngale kokuthi kufike imindeni ezobika ngokulahleka kwamalungu ayo.

“Okwamanje sazi ukuthi uyedwa umuntu osadukile,kodwa lokhu kungashintsha uma kunemindeni ethi nayo ilahlekelwe,” kusho yena.

Iqembu le-EFF lidlulise amazwi enduduzo emndenini yabashonile yanxusa uMasipala waseGoli, ukuthi aqinise umsebenzi wokuthungatha abangakatholakali.

Kutholakale izidumbu zabangu12 kanti kusathungathwa ezimbili ezingakatholakali.