Izindaba

UZikalala kwabagaqele ukungena esigungwini esiphezulu se-ANC

Sabelo Nsele|Published

UMNUZ Sihle Zikalala, emjahweni wokungena esigungwini esiphezulu se-ANC Isithombe: SIGCINIWE

ZIHOLWA phambili owayengusihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, emjahweni wokungena esigungwini esiphezulu se-ANC.

UZikalala ukhethwe ngamagatsha amaningi e-ANC ngesikhathi kuvulwa ithuba lokuthi kuphakanyiswe amagama abantu abazongenela umjaho wokuqokelwa esigungwini esiphezulu.

Isigungu esiphezulu se-ANC yisona esithatha izinqumo ezibalulekile, siba namalungu awu-86 uma kubalwa umengameli nabaholi abaphezulu.

UZikalala uphakanyiswe amagatsha awu-1 447. Lokhu kudalulwe izolo ngusihlalo wekomiti lezokhetho kwi-ANC, uMnuz Kgalema Motlanthe, ngesikhathi ememezela amagama abangu-200 abasemjahweni wokungena kwisigungu esiphezulu.

Kumanje uZikalala akanasikhundla esiphezulu enhlanganweni ngemva kokwehlulwa nonyaka engqungqutheleni yokukhetha ubuholi be-ANC, KwaZulu-Natal. Ukwehlulwa kwakhe kwalandelwa wukuthi asule njengondunankulu waKwaZulu-Natal, wabe eseqokwa njengongqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu esifundazweni.

Uhlu olufundwe uMotlanthe izolo luqukethe amagama abaholi baKwaZulu-Natal, abakhala ngaphansi embangweni wezikhundla ngesikhathi kunengqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC esifundazweni.

Phakathi kwamagama amemezelwe, kuvela elikaMnuz Mdumiseni Ntuli, Kwazi Mshengu, Jomo Sibiya, ababuya belambatha embuthanweni.

Abanye abaholi baseKZN kubalwa uMnuz Senzo Mchunu, Cyril Xaba, Mthandeni Dlungwana, Nhlakanipho Ntombela, Nkk Peggy Nkonyeni nabanye.

UMotlanthe uthe bonke abaholi bakwamukelile ukuphakanyiswa kwamagama abo. Kepha uxwayise ngokuthi kusengaba noshintsho ohlwini wathi basazobheka ukuthi ngabe ayikho yini imithetho evimba labaholi ukuthi baqokelwe kwisigungu esiphezulu.

“Asikakaqedi ngohlu. Sizolokhu sibheka ukuthi ngabe labantu abakulo, ayikho yini imithetho ebavimba ukuthi baqokelwe kwisigungu esiphezulu. Labo abazokhishwa, sizobazisa,” kuchaza uMotlanthe.

Uhlu lugcwele abantu besilisa. Umthetho we-ANC ukubeka kucace ukuthi kufanele silingane isibalo sabesilisa nabesifazane esigungwini esiphezulu.

UMotlanthe uthe uzolandelwa umthetho. Wathi abesifazane kufanele bazinuke amakhwapha ngokungakhethwa kwabo ezikhundleni ze-ANC.

“Kusobala ukuthi abesifazane abaningi, abanophiko lwabo kwi-ANC, ababaphakamisi abanye besifazane ukuthi bangenele umbango wezikhundla. Kanjalo nakubantu besilisa, bambalwa ababona ukuthi abesifazane kufanele bakhethelwe ezikhundleni. Indaba yokulingana ngokobulili iseyinkinga kwi-ANC. Kuningi esesikuzamile ukulungisa le nkinga kodwa kuze kube manje asikaphumeleli,” kuchaza uMotlanthe.