Izindaba

I-DA ifuna kuhlakazwe ikhabinethi ngenxa yombiko ngoRamaphosa

Nonkululeko Nhlapo|Published

IDA iphakamisa ukuthi kuhlakazwe iPhalamende ngemva kombiko ogxile esigamekweni esenzeka epulazini iPhala Phala, okungelika Mengameli uRamaphosa Isithombe: KOPANO TLAPE

UMHOLI weDA kuzwelonke uMnuz John Steenhuisen udalula ukuthi into engasiza izakhamuzi zakuleli wukuthi kuhlakazwe ubuholi bezwe, ukuze kukhucululwe inkohlakalo.

Umholi udalule lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngemva kombiko okhishwe yikomiti ebeliphenya ngokwebiwa kwemali engamadola epulazini likaMengameli uMnuz Cyril Ramaphosa, iPhala Phala.

Ikomidi ebeliholwa yijaji eselathatha umhlalaphansi, iJaji uSandile Ngcobo, lithole ukuthi uRamaphosa angabhekana namacala ngokwephula imithetho yeSigaba 96(2)b, 34(1) nesigaba96(2)(a).

USteenhuisen uthe kufanele kuhlakazwe uhulumeni wonke ukuze kusheshe kuyiwe evotini.

“Uma uMengameli uRamaphosa ehoxa esikhundleni sizoba nomunye umengameli onenkohlakalo uMnuz David uMabuza. Uma kwenzeka ephunyuka kulokhu sizoba nomunye umengameli onenkohlakalo uDkt Mkhize. Iqiniso wukuthi akekho noyedwa umuntu owavotela iphini likamengameli uMabuza, akekho futhi owavotela uMkhize noma iRET.

USteenhuisen uqhuba athi kukhona okungenziwa futhi kugunyazwe wumthethosisekelo. Uthi amalungu ephalamende angavota ngobuningi bawo ukuthi kuhlakazwe iphalamende bese kusheshe kuyiwa okhethweni.