INDODAKAZI yesishoshovu seHIV uNksz Gugu Dlamini, uNksz Mandisa Dlamini, ithi ukucwaswa kwabana leli gciwane kusaqhubeka kodwa sekushintshile abantu sebecwaswa ngemishanguzo. Lapha uthathwe emi eduze kweribhini elisepaki eliqanjwe ngonina, eliseWorkshop eThekwini Isithombe: BONGANI MBATHA/ AFRICAN NEWS AGENCY /ANA
UKUCWASWA kwabanegciwane lengculazi kusenzeka kodwa manje kabasacwaswa ngokuthi banegciwane, sebecwaswa ngokudla imishanguzo.
UNksz Mandisa Dlamini, oyindokazi kaNksz Gugu Dlamini waKwaMancinza, ngaKwaMashu, owayeyisishoshovu seHIV owabulawela ukuphumela obala ngaleli gciwane ngo-1998, uthi kusekhona ukucwaswa kwabaphila negciwane.
UNksz Dlamini owasungula inhlangano esiza abesifazane abahlukumezekile ngenxa yegciwane, abakhubazekile abanaleli gciwane, izingane ezinegciwane neziphuma emindenini ehlwempu, iGugu Dlamini Foundation, ubekhuluma naleli phephandaba ngokuthi ngabe basacwaswa yini abanaleli gciwane njengoba kwenzeka kunina eminyakeni eminingi eyedlule, okuhambisana nosuku lokuqwashisa ngengculazi emhlabeni namhlanje.
"Igciwane seliyaziwa manje, akusafani nakuqala kodwa abanalo basabhekana nezinselelo yize zingasafani. Abadla imishanguzo yokulithithibalisa basazithola becwaswa, kuthiwa bayizibutubutu nje benziwa yimishanguzo. Lokhu kwenza bangakhululeki basabe nokuphatha amaphilisi abo. Amaphilisi okuthithibalisa iHIV abanga umsindo edosheni lawo kunamanye, nabangawasebenzisi bayakwazi lokho. Abawadlayo ukuze bangazitholi becwaswa bashintsha amadosha, bawafake kwamanye, abanye bafaka amaphepha ukuze angabangi umsindo. Uma ungaya nje emitholampilo uthola inqwaba yamadosha elahlwe emigqonyeni," kusho yena.
Uthe uma eqhathanisa isikhathi samanje nesokubuwalawa kukanina ngo-1998, kuningi okuhle osekwenzekile njengokuthi uma umuntu kutholakale ukuthi unegciwane uqaliswa imishanguzo ngaleso sikhathi.
"Njengamanje akekho umuntu ongabulala omunye ngenxa yokuthi uzwe kuthiwa uneHIV njengoba kwenzeka kumama, kodwa zikhona izenzo ezenziwa ngabantu ezibabulala ingaphakathi abanegciwane. Njengamanje sekukhona izinkundla zokuxhumana okusaphazwana kuzona. Kuyenzeka onegciwane azifihle, uma uphathina wakhe esethola udaba, alusakaze khona. Lokho kuyambulala onegciwane. Yize esuke engekho ombeke isandla njengoba kwenzeka kumama," kusho yena.
Uthe ukubulawa kukanina uyakholwa wukuthi kwakuyindlela kaNkulunkulu yokuthi unina abe ngumthunzi okuzokhosela kuwo abanaleli gciwane.
"Inhlangano isiza ukweluleka abanaleli gciwane, inezigungu zokuxoxa kwabahaqekile, uphiko lokuphakela abangenakho ukudla, uphiko olubhekele abesifazane abahlukunyeziwe, olusiza abantu abasha ngamakhono.
“Elinye ikamelo lendlu kamama laphendulwa isikhungo samagugu esiveza impilo yakhe nezinto ezazibhalwa ngaye. Hhayi yena yedwa kodwa nabanye abantu abaphumela obala ngemuva kokuthi ebulelwe. Lesi sikhungo sivakashelwa yizivakashi zakwamanye amazwe," kusho yena.
Related Topics: