Izindaba

Uyalulama umbulali kaHani ogwazwe yisiboshwa

Zimbili Vilakazi|Published

SEKUGWAZWE owabulala umholi weSoth African Communist Party (SACP) uMnuz Chris Hani, uJanusz Walus ngaphakathi ejele.

Lezi zindaba ziqinisekiswe wokhulumela uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo eNingizimu Afrika, uMnuz Singabakho Nxumalo.

Ngokusho kukaNxumalo, uWalus ugwazwe ngesinye isiboshwa aboshwe naso.

“Umbiko ogcwele sizowuthola ngokuhamba kwesikhathi, kodwa okwamanje singakuqinisekisa ukuthi uWalus ugwazwe ngesinye isiboshwa ngaphakathi ejele,” kusho uNxumalo.

Uthe uWalus njengamanje usesimweni esikahle njengoba ethola usizo lwezempilo khona ngaphakathi ejele.

“Abasebenzi bomnyango abaqeqeshelwe ukubhekana nezempilo bamnika usizo aludingayo,” kusho uNxumalo.

Uthe njengoba zingavumelekile izikhali nezinye izinto eziyingozi ngaphakathi ejele, lesi sigameko sizophenywa kabanzi.

Ngokommeli wakhe uWalus, uMnuz Julian Knight, bekulindeleke aphume uWalus ejele kusasa.

Ekhuluma nesiteshi sezindaba sethelevishini izolo, uthe izinsuku eziyishumi ezanqunywa yiNhloko yamaJaji uRaymond Zondo ngesikhathi ikhipha esinqumo esithi akudedelwe uWalus ngoshwele, ziyaphela namuhla uma kubalwa nezimpelasonto.