UMSUNGULI wezicathulo, iFele, uMnuz Reggi Xaba Isithombe: Instagram
UKUKHULA elokishini eMlaza ngezikhathi zobandlululo, yikona okwagqugquzela uMnuz Reggi Xaba (49) ukuthi asebenze kanzima empilweni njengoba esebalwa nezingqwele zakuleli emkhakheni wemfashini.
Phakathi kwezinto ezibeke uXaba ebalazweni, kubalwa ukuba umklami wezicathulo zeCarducci, waba yingxenye yombukiso wemfashini kaBeyonce, iBlack Parade, muva nje usebenzisana noKhozi FM ekusunguleni ulayini wezimbadada Ushuni Wokhozi FM by iFele.
Uthi yize wakhula ngezikhathi ezinzima kodwa kwathi esefika esikoleni samabanga aphezulu, wayesezazi ukuthi ufuna ukungena kumuphi umkhakha.
“Ngicabanga ukuthi ngase nginesiqiniseko esanele ukuthi ngifuna ukuba wumklami (wemfashini) sengifunda ibanga leshumi (matric). Nangempela kwenzeka njengesifiso sami njengoba ngingazange ngisazithela ngabandayo,” kusho uXaba.
Uthe ngaphandle kokukhula ngezikhathi zobandlululo, kuningi okuhle akukhumbulayo ngokukhula elokishini.
"Sasijabuliswa yizinto ezisobala njengemidlalo yeshashalazi yaselokishini. imidanso yesipansula nomculo weBubblegum woMercy Phakela noBrenda Fassie,’ usho kanje.
Phezu kwakho konke lokhu uXaba usezakhele igama kuleli nasemazweni aphesheya ngokuba wumsunguli wenkampani yezicathulo, IFele, ezitholakala nakwamanye amazwe.
UXaba uke wazinza eKapa iminyaka eminingi edlule kodwa unesikhashana ebuyile eThekwini nomndeni wakhe.
Elandisa uveze ukuthi eminyakeni engu-30 engenile emkhakheni kuningi asekwenzile, okumsizile ukuthi azicabele indlela yakhe yokufika lapho ekhona manje.
“Iminyango emikhulu ngavulelwa wukuwina umncintiswano iSmirnoff International Award, okuyiwona owangifikisa eKapa okokuqala ngqa ngo-1993. Ngabe sengihambela amazwe amaningi aphesheya, ngisebenza ngiyi-buyer yeWoolworths,” usho kanje.
Uthe ukuweliswa kwezicathulo zakhe ziyiswe kwamanye amazwe, ikakhulukazi ase-Europe kwaba nomthelela omuhle.
Amabanga aphansi emfundo wawenza ezikoleni ezintathu zaseMlaza, okuyiSaphinda Lower Primary esikwaQ, Imisebe Higher Primary neDloko Combined esikwaJ.
Amabanga aphezulu wona wawenza eVukuzakhe High School eseMlaza kwaL.
Ngo-Okthoba nyakenye kwaphoqeleka ukuthi uXaba avule icala emaphoyiseni aseMpuma Koloni ngoba sekukhona abadayisa ombombayi bezicathulo zakhe.
Ephetha ngamaphupho anawo, uthe usafisa ukwakha izimboni ezinkulu KwaZulu-Natal, ukuze kwande umthamo womkhiqizo wezicathulo ezihanjiswa emazweni angaphandle, ikakhulukazi e-Afrika nase-Europe.
“Isifiso sami engizimisele ngaso wukwenza imikhiqizo eqhakambisa ubuhle be-Afrika nosiko lwami lwakwaZulu. Ngiyathanda futhi ukufundisa ngezinto nami engizincelile kule minyaka engu-30 ngikule ndima. Ngithemba ukuthi ngemizamo yami, imboni yezicathulo izogcina ithuthukisa intsha esemadolobheni asezindaweni ezisemakhaya,” kusho uXaba.
Okunye ngoReggie Xaba:
* Ushadelwe futhi unezingane ezintathu.
* Unina usaphila futhi usahlala eMlaza.
* Akanakho ukudla okuyintandokazi kodwa uthanda noma yikuphi ukudla inqobo uma kunempilo.
* Njengoba esebenza ngemibala emsebenzini wakhe, uthi kunzima ukukhetha umbala owodwa kodwa okwamanje uzifela ngombala oluhlaza.
* Maningi amazwe angaphandle aseke wavakasha kuwona e-Europe naseFar East, okubalwa namadolobha asemazweni ase-Afrika njengeLilongwe, Harare neLusaka.
* Into esike yamphatha kabi empilweni wukudlula emhlabeni kukayise eseneminyaka engu-17.
* Uma engekho emsebenzini, isikhathi sakhe usichitha ngezemidlalo noma afunde izincwadi ezikhuluma ngeScience, Philosophy nezenkolo.
* Wathola iziqu zeClothing Design eNatal Technikon, esibizwa ngeDurban University of Technology.
* Uthanda izimoto ezindala. Namanje uhamba ngayo kodwa ucele ukungayidaluli.
Related Topics: